INKANTOLO elalela amaCala aHleliwe ePitoli, igwebe owesifazane odabuka eZimbabwe ngamacala angu-128 okweba ebandleni.
Kuthiwa uLady Memory Mutsika (43), wayengumgcinimafa eCity Seventh-Day Adventist ePitoli, umsebenzi wakhe obufaka phakathi ukuphatha imali yomnikelo webandla.
Kusukela ngo-2012 kuya ku-2015, lo mgcinimafa wathatha imali elinganiselwa kuR800 000 yomnikelo wayifaka kwi-akhawunti yakhe eyisebenzisela izidingo zakhe.
Ngesikhathi kuqulwa icala lakhe, uwavumile amacala wacela inkantolo ukuba ingamgwebi kodwa imnike ithuba lokuyikhokha kancane kancane imali kuze kuphele iminyaka emihlanu.
UMbuso usiphikisile lesi sicelo uveza ukuthi usenesikhathi eside ethi uzoyikhokha imali yebandla kusukela ngoMashi, nonyaka, kodwa angayikhokhi.
Inkantolo imsole ngokungabi nawo unembeza nozwelo, yathi akamanga ukweba ngoba esezisola kodwa uze wabanjwa nokusho ukuthi ubesazoqhubeka uma engabanjwanga.
Ugwetshwe iminyaka emithathu ebhadla ejele.