KUBATSHAZWA ubulwane nesihluku kowesilisa okuthiwa ubulale udadewabo ngokumgwaza, wamnquma uqhoqhoqho phambi kwengane yakhe, esigamekweni esenzeke eMzumbe esigodini iBaphumile, ngempelasonto.
UMnuz Sanele Ntini olamana nomufi uNksz Hlengiwe Ntini (34), uthe uyosikhohlwa efile isenzo okuthiwa senziwe ngumfowabo osolwa ngokubulala ingane yakwabo ngesihluku futhi kabuhlungu kangaka.
Elandisa Isolezwe ngokwenzekile, uNtini, uthe umsolwa nomufi oyiwele nomfowabo omncane, bebehlala ndawonye nomsolwa obesanda kubuyela ekhaya kulandela ukuphelelwa wumsebenzi lapho ebesebenzela khona emapulazini.
“Mina angihlali nabo ngenxa yokuthi ngisebenzela eMkhomazi. Ngithole ucingo ngoMgqibelo ekuseni, luvela komunye umakhelwane engazisa ngokwenzekile - okungishaqise kakhulu ngoba bengingakulindele nhlobo ukuthi into ebuhlungu kanje ingenziwa wumuntu oyigazi lami.
“Kuthiwa uqale ngokumgwaza amanxeba amahlanu esiswini nasezihlakaleni, ngaphambi kokumgwaza emphinjeni - wamnquma uqhoqhoqho kubuka ingane yakhe eneminyaka emibili okufike amalungu omphakathi ikhala, iphezu kwakhe udadewethu eseshonile,” kuchaza uNtini.
Eqhuba, uthe uzwe kuthiwa omakhelwane bazithele kuye ephuma ngomnyango ephethe ibhakede elinegazi likadadewabo nommese awusebenzise embulala, bambuza ukuthi kwenzenjani - kuthiwa washo ngeqholo ukuthi ‘usembulele udadewabo’.
“Ube esebanjwa khona lapho, kwathintwa amaphoyisa waboshwa ngosuku lwesigameko. Sekufike amaphoyisa, kuthiwa uthe umbulale ngoba bekunezwi elithi akambulale ngoba wuye omthakathayo.
“Kusishaqise kakhulu lokhu siwumndeni, kwenza sadideka ukuthi ubehloseni ngalesi senzo njengoba ubesanda kubuyela ekhaya, ayekade ehambe ethe uyothwasa, nakhu manje esebuya enza into ebuhlungu kanje.
“Siphatheke kabi kakhulu siwumndeni futhi asikazi ukuthi kungani enze into enje - ikakhulu ngoba ubenakekelwa wuye udadewethu ngoba ubengasebenzi” kulandisa uNtini.
Kuthintwa ikhansela laseward 13 lapho kwenzeke khona isigameko, uMnuz Siyanda Doncabe, uthe simshaqisile isenzo esinje endaweni futhi samphatha kabi kakhulu ngoba umufi nomsolwa ngabantu akhule nabo endaweni.
“Sishaqeke kakhulu siwubuholi bomphakathi futhi kasihambisani nhlobo nezigameko ezinje ngoba zenza umphakathi uhlalele ovalweni,” kusho uDoncabe.
Isekela likasihlalo wenhlangano elwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane kule ndawo, iWomen of uMthwalume, uNksz Bongekile Sithole, naye ukhale ngazwilinye nekhansela lendawo, ethi kuyabakhathaza ukwanda kwezigameko ezinje.
“Kusiphatha kabi ukwanda kwezigameko ezifuze lezi, kuphinde kube buhlungu kakhulu kulesi ngoba kwenziwe yilungu lomndeni okufanele ngabe yilo elivikela abesifazane bomndeni walo. Siphila kanzima singabantu besifazane,” kusho uNksz Sithole.
Kuthitwa okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMsinsini abophe umlisa oneminyaka ewu34 osolwa ngokugwaza abulale udadewabo ngoMgqibelo.
"Imbangela yesigameko ayikakaziwa okwamanje kanti bekulindeleke ukuthi umsolwa avele enkantolo yemantshi iTurton, eMthwalume izolo," kusho uNetshiunda.