USEZIKHINDINI owesifazane obanjwe nekhanda lowayeyisoka lakhe elifake epotimendeni.
Lo wesifazane uTatenda Mhlanga, 33, noJohannes Lebese, 53, ongumkhaya wakhe waseZimbabwe baboshwa mhlaka-11 kwephezulu bebanjwa nekhanda lifakwe epotimendeni.
Laba babhekene namacala okubulala nokuhlukumeza isidumbu.
ULumka Mahanjana, okhulumela iNPA, uthe laba babanjwe ngabaqaphi bobugebengu emphakathini waseWattville, okuyibona ababatshela ukuthi bavule ipotimende abebeliphethe.
“Ngesikhathi livulwa kwabonakala ukuthi kunekhanda nesingenhla somzimba, okuthe uma bebuzwa ukuthi ngelikabani, bathi ngelika-Obert Mazadza naye ongowaseZimbabwe futhi owayeyisoka likaTatenda,” kusho yena.
Laba baqaphi bobugebengu babiza amaphoyisa ngemuva kokubona lezi zicubu zomzimba.
Laba babingelele iMantshi yaseBenoni ngoMsombuluko. Lo wesifazane akafunanga ukufaka isicelo sebheyili kanti owesilisa uzobuyela ngoLwesihlanu lapho sizolalelwa khona esakhe.