UMNYANGO wamaBhizinisi kaHulumeni uziphikisile izinsolo ezenziwa yiphini lomqondisi osamisiwe, uMnuz Kgathatso Thlakudi, zokuthi uNgqongqoshe wawo uMnuz Pravin Gordhan, akalandelanga umthetho ngesikhathi kudayiswa iSouth African Airways.
UThlakudi uveze ukuthi UGordhan waziba ngabomu ukwehliswa kwentengo yempahla yakwa-SAA nokuphulwa kweminye imithetho.
Izolo, umqondisi woMnyango, u-Advocate Melanchton Makobe, uthe yalandelwa yonke imithetho efanele ngesikhathi iSAA idayiselwa iTakatso Consortium.
“Iphini lomqondsi elimisiwe laliyingxenye yabantu ababebhekele uhlelo lokudayiswa kwe-SAA, ayikho imithetho eyaphulwa. Sasikhuluma ngakho konke okwakuyizihibe ngesikhathi kuzofika iTakatso,” kusho uMakobe engxoxweni neSABC.
Uthe uGordhan akazange agxambukele ekudayisweni kweSAA futhi iTakatso yiyona eyaphumelela ngesikhathi kubhekwa bonke ababefuna ukuthenga iSAA.
UThlakudi ukhale ngokuthi impahla ye-SAA yehliswa ngoR7 billion futhi iTakatso yayehlisa kakhulu impahla ye-SAA.
UMakobe uthe akusilo iqiniso lokhu ngoba akukho okungabhekwanga ngesikhathi kudayiswa iSAA.
Amalungu ePhalamende acele ukuthi ziphenywe izinsolo ezenziwa wuThlakudi.
INational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) ithe kufanele ziphenywe izinsolo ezenziwa wuThlakudi ngoba nayo yaxakeka uma impahla ye-SAA sekuthiwa ibiza ngaphansi kukaR7 billion ekubeni ibinempahla ebiza uR15 billion.
Ikhale ngokuthi sekukhulunywa nangebhodi elisha ekubeni izinkinga zingaxazululwa kahle.
UMnuz Ghaleb Cachalia we-DA, uthe bayakubona ukuqokwa kwebhodi elisha kodwa bakhathazekile ukuthi nalo lizofuna kufakwe imali yabakhokhi bentela ukuze kusizwe iTakatso Consortium ezoba namasheya awu-51% bese uhulumeni esala no-49%.
Uthe iTakatso yayithembise ukuthi izotshala uR3 billion ngeminyaka emithathu kodwa namanje akukho ekubeke etafuleni ngabakhokhi bentela kuphela abaxhasa iSAA.
UMakobe utshele iSABC ukuthi iTakatso izokwazi ukutshala imali uma isisayine wonke amaphepha futhi ukuthenga kwayo iSAA, sekuphasiswe yinhlangano ebhekele ukuncintisana eNingizimu Afrika.