UKHALA ngesihluku ugogo womfundi okubikwa ukuthi ushawe wuthisha emsola ngokweba uR10.
UNksz Lungile Sithole waseVerulam, uvulele icala uthisha womzukulu wakhe oneminyaka eyisikhombisa, okuthiwa wamshaya emva kwezinsolo zokweba imali yomunye umfundi.
UNksz Sithole elandisa, uthe wabuya emsebenzini ngoLwesihlanu emasontweni amabili edlule, wafica umzukulu wakhe edinda isililo esezinhlungwini, wathi ushawe nguthisha wakhe esikoleni e-Ottawa, eVerulam.
Uthe wambikela ukuthi washaywa uthisha ebavalele bebabili ekilasini nomunye umfundi owayebagade ukuthi bangabaleki.
"Ingane ayizange ize ilale izinhlungu ngalobo busuku, ingakwazi ngisho ukuhlala phansi imivimbo yepayipi eyayishaywa ngalo. Ngathumelela uthisha umyalezo, ngimbuza ukuthi kwenzekeni ngaze ngamthumelela izithombe zemivimbo. Wangiphendula wathi, 'untshontshe uR10, ushawe imina gogo, ngisazokushayela ucingo,' kodwa akazange aphinde abuyele kumina. Kuyangimangaza ukuthi wayengantshontsha kanjani ngoba wayenayo imali engangoR12?" kusho uNksz Sithole.
Uthe ngakusasa ingane yayisavuvukele isandla ingakwazi ngisho ukubamba izinto, wayihambisa emtholampilo lapho udokotela wathi le nto eshawe ngayo yayinamagciwane, wabe eseyijova. Emva kwalokho wabe esedlulela emaphoyiseni eyovulela uthisha icala.
"Ukuhlolwa kwasemtholampilo kwezithombe kwaveza ukuthi akaphukanga kodwa kuze kube imanje isandla asikwazi ukubamba kahle. Ukhala ngezinhlungu uma ebamba futhi isandla sokudla isona asisebenzisayo," kusho yena.
Uthe emva kwesigameko wavukela esikoleni kunguLwesithathu ngenhloso yokubika icala lapho athola ukuthi uthishomkhulu wayesemhlanganweni ePinetown, washiya inombolo yakhe ehhovisi.
"Ngabuza ukuthi kungani bengangithintanga ukubika ukuthi ingane kusolakala ukuthi intshontshile kunokuthi ishawe kangaka? Yilapho uthishomkhulu angishayela ucingo esexolisa egameni lesikole ngesigameko," kusho uNksz Sithole.
Uthe okumhlukumezile emoyeni ukuthi uthisha unenombolo yakhe yocingo kodwa akazange amshayele ukubika akusola ukuthi kwenziwe ingane futhi akazange axolise ngendlela ayilimaze ngayo noma esemthumelela izithombe.
Uphinde wathi indlela ingane eyayilimale ngayo inyantisa igazi futhi uthishomkhulu wamthinta ngocingo wathi uphenyo lwakhe luveze ukuthi umzukulu wakhe akanalo icala.
“Ngangifuna ukumkhipha kulesi sikole kodwa uthishomkhulu wangicebisa ukuthi angeke kube lula enganeni ukuqala isikole esisha isifika sekuzophela unyaka,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asePhoenix aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza.
“Lokhu kulandela isigameko esenzeka ngo-Agasti 18. Kusolwa ukuthi umgilwa wabuya ekhaya watshela ugogo ukuthi ushawe nguthisha ngoba esolwa ukuthi untshontshele omunye umfundi imali, kubikwa ukuthi wayenezibazi umzimba wonke,” kusho uNetshiunda.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe lolu daba sebebikelwe ngalo futhi sebeqale uphenyo ngokwenzekile. Ngaphezu kwalokho, umnyango awuhambisani nokushawa kwabafundi.