UNGQONGQOSHE wezobuCiko, amaSiko nezeMidlalo KwaZulu Natal, uDkt Ntuthuko Mahlaba uthe uma ezwa ukuthi kugogo ogubha iminyaka engu-105, uGogo uNokusho Ngcobo ohlala eMnyaneni ku Ward 15, eDonnybrook washiya yonke into wamvakashela ukuyogubha lolu suku olukhulu nomuntu omdala ozalwe ngo-1918 nokuwunyaka okwazalwa ngawo uMengameli wokuqala ommnyama kuleli uDkt Nelson Rolihlahla Mandela.
Ugogo uNgcobo unezingane ezingu-8 ezisaphila kanti unabazukulu abangu 48, nezingane zabazukulu ezingu-78, kube yisibusiso esikhulu kugogo ukuvakashelwa ungqongqoshe ngosuku lwakhe. Kwenzeka lokhu nje naye uDkt Mahlaba kade egubha usuku lwakhe lokuzalwa ezinsukwini ezimbili ezedlule ngaphambi kolukagogo.
Okhulumela uMnyango uMnuz Nathi Olifant uthe uNgqongqoshe akafikanga elambatha kugogo kodwa ufike ephethe izinto ezimnandi. “UNgqongqoshe uthokoze kakhulu ngokubona ugogo esazihambela nokuthi usakwazi ukubona, lokhu uthi kusho ukuba umqemane kuka gogo uNgcobo,”kuchaza u-Olifant.
Khonamanjalo uDJ osezakhele olukhulu udumo endimeni yezokungcebeleka uMthokozisi’ ‘DJ Tira’ Khathi naye ubegubha usuku lokuzalwa njengoba esena 47. Ugubhe ezindaweni ezehlukene eKZN nomndeni kanjalo nabangani asondelene nabo, wabe esedlulela eWestern Cape edolobheni lakhona iKapa. Osaziwayo abaningi bamfisele usuku oluhle.