IGWETSHWE odilikajele ababili yiNkantolo yesiFunda yaseThekwini, indoda ngamacala okudlwengula amadodakazi amabili engawazali ayeneminyaka ephakathi kwemihlanu neyisishiyagalolunye ngesikhathi sokwenzeka kwezigameko, phakathathi kuka-2020 no- 2021.
Lo wesilisa oneminyaka engu-36 ogwetshwe ngesonto eledlule, kuthiwa ubehlala nazo izingane nonina wazo ayethandana naye, endlini yabo eManyaleni, ngaseChartsworth, eThekwini.
Kuthiwa owesifazane (unina wamadodakazi), ubewashiya nale ndoda uma eyongena emsebenzini kwazise ubejwayele ukungena ekuseni kakhulu.
Kuthiwa bekuthi uma unina wezingane esehambile ukuyongena emsebenzini, indoda ibizele egunjini layo lokulala izingane. Kuthiwa ibizidoba ngokuthi zizodlala ngeselula yakhe, okuvele ukuthi beyifike izidlwengule okuyinto ebiyenza iphindelela. Ibizisabisa ngokuthi izozibulala, zingalinge kube khona ezimtshelayo ngalolu daba.
Kuthiwa ithumba labhoboka ngesikhathi abagilwa bebikela udadewabo omdala ngokwenzekayo, owaqala ngokungasho kunina kodwa okuthe uma lo wesilisa ezama ukudoba yena ngokuthi ezodlala ngeselula eginjini lakhe, wabikela unina okuyilapho kwabikelwa khona amaphoyisa, zamkhalela.
Abagilwa kuthiwa badluliselwa esikhungweni, sokunakekela i-RK Khan Thuthuzela Care Centre, ukuthola usizo.
Ehola ubufakazi obethulelwe inkantolo ngabagilwa, uMshushisi uLungile Shandu, omunye wabagilwa uthe ngaphambi kwalezi zigameko, bebewumndeni ojabule, emva kwalokho izinto zaguquka. Uthe ufisa ukuthi ummangalelwa ajeze ngoba ngeke amxolele ngakwenzile.
Ngesikhathi egwetshwa, inkantolo inqume ukuthi igama lakhe likleliswe emagameni abantu abalahlwe amacala ocansi okumnqabela ukuthi asondelane nezingane, kanti waphinde waphucwa negunywa lokuphatha isibhamu.
Okhulumela uphiko lwezokuShushiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe lolu phiko luyasemukela isigwebo.
“Isigwebo siyethemba ukuthi sizokwenza ukuthi nabanye abenze amacala afanayo bethole isifundo. Siyawuncoma umsebenzi owenziwe uphiko lwezokushushiswa nethimba labaphenyi kuleli icala,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.