UMMELI wabamangalewa ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, u-Advocate Thulani Mngomezulu, usole umholi wabaphenyi uBrigadier Bongani Gininda, ngokunyanyalata nokuqamba amanga.
UMeyiwa owayeyintandokazi kanozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo ngo2014. Kushushiswa abalisa abahlanu okuthiwa yibona abathengwa ukuthi baqede ngaye.
UMbuso umi ngezitatimende othi zabhalwa zasayinwa ngabamangalelwa ngesikhathi begeqa amagula ngeqhaza labo ekufeni kukaMeyiwa. Abameli babamangalewa bafake isicelo sokuthi zichithwe izitatimende ngoba abamangalelwa baphoqwa ukuthi bazibhale.
UMbuso ushaya phansi ngonyawo uthi izitatimende kufanele zibe yingxenye yobufakazi obuzobhekwa ngoba abamangalelwa bazihlambulukela bona bengaphoqwe ngumuntu. Izinhlangoti zombili zenza izethulo phambi kwejaji.
UMbuso uqedile ukwenza izethulo kwase kuba yithuba labameli ukuthi babeke awabo amaphuzu. Kulapho-ke ummeli uMngomezulu esole khona umphenyi ngokuqamba amanga ukuze athole incwadi egunyaza ukuboshwa kwabamangalelwa.
“UGininda nakuba enesipiliyoni seminyaka emsebenzini kodwa akenzanga kahle. Waqamba amanga ukuze athole incwadi yokubopha abamangalelwa. Akashongo encwadini ukuthi bakuphi, amakheli ayengabhaliwe. Incwadi ayisebenzisa ukubabopha yatholakala ngokungemthetho,’’ kubeka uMngomezulu.
Ukhale ngokuthi kubukeka sengathi uGininda wayengazi ukuthi bangaki abantu afuna ukubabopha.
“Nkosi yenkantolo khona lapho okubhalwe ukuthi abamangalelwa bayisihlanu, ajike athi bayisithupha. Phathaphatha usekhuluma ngoKelly Khumalo athi nguyena owabaqasha. Kufike kuthiwe kwakubanjwa inkunzi khona lapho futhi kwakungabantu abathengiwe, kuyadida nje,’’ kusho uMngomezulu.
UMngomezulu uthi iphoyisa uWarrant Officer Meshack Makhubo, lishilo ukuthi amaphoyisa aphikisana aze ahlukana phakathi ngokwakumele baboshwe. Uthe kukodwa nje lokho kuyakhomba ukuthi kunenkinga.
UMngomezulu ucelele abamangalelwa ukuthi ubufakazi babo buthathwe njengeqiniso uma sekubhekwa isinqumo. IJaji Ratha Makgotlheng likhiphe imiqingo yamafayela lathi lizobheka konke uma selinquma.
Ijaji lithe lifunde amakhasi angaphezu kuka-5 000 ukuze lithathe isinqumo esifanele. Kulindeleke ukuthi icala libuyele enkantolo ngoMsombuluko.