UVUKE umbhejazane owesilisa wasoBhilweni, eKranskop wabulala wahlinza ibhungu elingumakhelwane wakhe maqede wathatha isibindi salo wasiphanyeka ewindini.
Kuthiwa owesilisa okuyimanje ugcwele amathafa, ubulale ngesihluku uMnuz Mthonono Mkhize (29) okungaveli ukuthi bebebangani kwazise bebejwayelene njengomakhelwane.
Umthombo obuzekela leli phephandaba uthuthumela, uthe umsolwa uthe usehlinze umufi ebomvu enegazi enjalo, wafukula isidumbu sakhe wasibeka embhedeni wakhe walala naso esimbathise ingubo.
Kuvela nokuthi umsolwa uke wabonakala egqoke izimpahla zikamufi, kungakaveli ukuthi usembulele ngale ndlela okuyinto umphakathi othi ididile.
"Uyena uqobo ohambile wayotshela amalungu omndeni kamufi ukuthi awazobona ukuthi usembulele uMthonono ngoba umjwayela kabi. Kuthe uma efika amalungu omndeni azithela phezu kwesidumbu sakhe sinqunu sihlinziwe,'' kuchaza umthombo ongumakhelwane ozibonele nesibindi umsolwa abesiphanyeke ewindini.
Uthe okwesibindi kubadide kakhulu ngoba abaqondi nokuthi ubehlele ukusenzani njengoba ephume naso iqhubu waze wasiphanyeka ewindini.
“ Ngesikhathi abantu nomndeni besababaza abakufice endlini abulale kuyona, uvele wasuka ngejubane ebaleka. Namanje asimazi ukuthi ukuziphi izinkalo,” kusho umthombo.
Umsolwa kuvela ukuthi ubesanda kuphuma ejele, ekade edonsa isigwebo sokudlwengula ingane yentombazane yakubo kamufi.
Kuthiwa ubengakaze futhi umsolwa asolwe ngokuthi akaphilile ekhanda, bekwaziwa ukuthi uphile saka.
Elinye ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe NgeMpelasonto lithe bashaqeke kakhulu bewumphakathi ikakhulukazi njengoba umsolwa engaziwa nokuthi ukuziphi izinkalo. Uthe sebelala bevule iso elilodwa ngoba abazi ukuthi ungenwe yini, mhlawumbe angaphinde azoqhubeka lapho egcine khona kwabanye omakhelwane.
"Ubezincoma ethi ubenza kanjena yena abantu abamjwayela kabi. Kodwa uma ebuzwa ukuthi ubekade emenzeni, akazange aphendule kodwa kunalokho umane wabaleka,'' kusho umakhelwane.
Induna yakule ndawo, engafunanga negama layo, ethe nje kwanele uma ibizwa ngoMthembu, ithe nayo ibikelwe yanikela lapho okwenzeke khona lesi sigameko, yazibonela lo mhlola.
UMthembu uthe bebengakatholi ukuthi kube yini imbangela yokubulawa kobulawe ngesihluku.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko.
Uthe kubikwa ukuthi senzeke eKranskop. Echaza ngaso uthe : ''Kunowesilisa obulawe ngesihluku endaweni yasoBhilweni, eKranskop. Amaphoyisa akule ndawo asephenya ngecala. Imbangela yokubulawa kwakhe ibingakatholakali.''