UFUNA ukusebenzisa umculo ngenhloso yokushumayeza abantu umfundisi wesifazane okhiphe icwecwe lokuqala ngqa lomculo wokholo.
UMfundisi Thandi Ndaba (55) webandla labasindisiwe, iNew Testament Community Church (NTCC), uthi ukholwa wukuthi mkhulu umehluko ongenziwa wumculo kubantu.
Isihloko seCD yakhe sithi i-langa Lokulunga. Inezingoma ezingu-12. Zonke zikhuluma ngamandla kaNkulunkulu. Kukhona esihloko esithi Ngingamtholaphi ofana noSomandla.’’
Ngale ngoma uthi ukhuthaza abantu ukuthi babeke konke esandleni sikaNkulunkulu ngoba unamandla okwenza konke.
Uthi ugcotshelwe ukuba ngumfundisi ngonyaka u-1999. Kusukela lapho, kuningi kakhulu asekufundile nasekuqaphelile ohambweni lwakhe lokushumayeza abantu.
Uthi baningi abantu abasondezwe kuNkulunkulu kusetshenziswa izintshumayelo zase-pulipiti. Kodwa manje uthi ukholwa wukuthi sesifikile isikhathi sokuthi kusetshenziswe umculo ngenhloso yokushumayeza abantu baziswe ngoNkulunkulu.
Uchaze umculo njengethuluzi elinamandla anele ukuthi lingasetshenziselwa ukusondeza abantu kuNkulunkulu.
"Izwi likaNkulunkulu lishunyayelwa ngezindlela ezahlukene. Ngokwejwayelekile abantu sibashumayeza sise-pulipiti. Kodwa nomculo nawo ungakwazi ukulekelela,'' usho kanje.
Ngokusho kwakhe, usazimisele ngokuqhubeka asebenzise umculo ngenhloso yokushumayeza abantu bakaNkulunkulu.
Uthe uhlela ukuthi aphinde akhiphe enye iCD nayo ehlose ngayo ukuyisebenzisela ukushumayeza abantu.
UMfu Ndaba unxusa nabanye abefundisi abanekhono lokucula ukuthi bangesabi ukudlulisa umyalezo wezwi likaNkulunkulu besebenzisa umculo.
"Nabanye abefundisi abanothando lomculo siyabanxusa ukuthi bawusebenzise umculo ngenhloso yokushumayeza abantu,'' usho kanjena.
Ugane uMfu Xolani Ndaba. Banabantwana abathathu; amantombazane amabili nomfana oyedwa. Bashade ngo-2012.
I-CD iphume ngoLwesihlanu. Isiyatholakala ezitolo ezinkundleni zezobuchwepheshe. Ngokuzalwa uMfu Ndaba ngowaseNgcetheni, eNquthu.