UFUNA ukusebenzisa umculo ngenhloso yokudonsela abantu kuNkulunkulu umkamfundisi webandla labasindisiwe.
UNkk Thando Ngcobo ugane uMphostoli Phumlani Ngcobo weCity Church International odume ngelikaPD.
UNkk Ngcobo uthi kusemqoka ukuthi kubantu abakholwayo abanethalente lomculo bawusebenzisele ukwandisa izimvu zikaNkulunkulu.
Uthi yikhona kanye naye lokhu amatasa ngakho njengoba eseze wakhipha nengoma yokholo esihloko sithi Alisoze Laphela Amandla.
"Abanye abantu abasondeli kuNkulunkulu ngoba nakhu bethole ukushunyayezwa ngeZwi likaNkulunkulu. Kodwa balalela umculo maqede impilo yabo iguquke, ingabe isafana nasekuqaleni,'' kuchaza uNkk Ngcobo.
Akathuki isisinga emculweni wokholo uNkk Ngcobo ngoba ngo-2018 wakhipha i-album yakhe yokuqala eyayisihloko sithi iZulu. Ngonyaka u-2021 waphinde wabuya nenye i-album eyayisihloko sithi Akahlulwa Yilutho.
Uthi kuyena umculo yinto emqoka kakhulu futhi enamandla anele okududuza abadabukileyo, yokushumayeza abantu kanjalo nokuguqula indlela abantu abacabanga ngayo.
Uthi umculo uma ungasetshenziswa ngendlela efanele, kuningi okuhle okungabonakala emphakathini.
Ugcizelele ukuthi abaculi bokholo kumele kube ngabantu abanothando lukaNkulunkulu futhi okubafanele ukuthi bangadlulisa umyalezo kaNkulunkulu, bengabheke nzuzo.
"Mina ngikholwa wukuthi kayikho into enamandla ngaphezulu komculo. Yingakho nje nami ngikholelwa kakhulu kuwona. Ngifisa sengathi nabanye abanekhono lomculo bangawusebenzisela ukuthi ukhulise umbuso kaNkulunkulu,'' usho kanjena.
UNkk Ngcobo nomyeni wakhe uMphostoli Ngcobo sekuphele iminyaka engu-20 besemshadweni.
Ibandla labo laziwa ngokushumayela ivangeli likaNkulunkulu elikuthaza abantu ukuba bakholwe ngeqiniso futhi lokho kubonakale nangezenzo.