UFISA kuqhubeke kuphenywe yize sebegwetshiwe abamangalelwa, omunye wemindeni yamaphoyisa amabili kaMasipala weTheku, adutshulwa abulawa ngesikhathi eqaphe emzini wekhasela laku-ward 52, eBhambayi ngo-2019.
Izolo, iNkantolo eNkulu yaseThekwini igwebe uThamsanqa Mabaso, Bonginkosi Msomi (24), Budget Biyela (22) noNkululeko Zulu (23) emva kokuthi belahlwe amacala okubamba inkunzi nokubulala amaphoyisa kaMasipala weTheku ayemsebenzini okungoConstable Nomasonto Mhlanga noSergeant Fanifani Dladla.
UMabaso okuthiwa wayengaphandle ngebheyili, uchazwe yinkantolo njengokunguyena owayengungqondongqondo ekwakhiweni kwetulo lokubulawa nokubanjwa kwenkunzi kwamaphoyisa. Ugwetshwe odilikajele ababili ngamacala okubulala, iminyaka engu-30 kwamabili okubamba inkunzi, kanti iminyaka emihlanu ecaleni elilodwa lokubamba inkunzi uzoyidonsa kanyekanye neminyaka yezigwebo zikadilikajele bese kuthi eminye ayidonse izwa.
UMsomi noBiyela okuvele ukuthi babesebancane ngesikhathi kwenzeka icala batshele inkantolo ukuthi bayazisola ngakho, bagwetshwe iminyaka eyishumi umuntu ngamunye ngecala lokubamba inkunzi. UZulu, okuvele ukuthi bese eke walahlwa yicala lokubamba inkunzi phambilini wagwetshwa iminyaka engu-13 kulona walengiselwa emithathu, kula macala ugixabezwe ngodilikajele ababili kwawokubulala, iminyaka ewu-30 kwamabili okubamba inkunzi, engu-15 kwawokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu njengoba kuvela ukuthi isibhamu selinye lamaphoyisa abulawa satholakala kuyena. Iminyaka ewu-14 kwengu-15 yokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu uzoyidonsa kanye kanye nesigwebo sikadilikajele bese kuthi lezi ezinye izigwebo azidonse njengoba zinjalo.
Yize umndeni kaDladla ukuthakasele ukugwetshwa kwalaba, kodwa ukholwa ukuthi kukhona owayebathumile ukubulala amaphoyisa onethezekile. UNkk Lucy Dladla ongunkosikazi kamufi, uthe bakholwa ukuthi umyeni wakhe wathelwa amachaphazela, ababulali babeqondise kuConst. Mhlanga njengoba kungenzeka ukuthi kwakukhona abangeneme khona ngaphakathi emaphoyiseni ngokunyuselwa kwakhe esikhundleni.
“UConstable Mhlanga owayesebenza nobaba wayekhushulelwe esikhundleni, emva kokuthi kukhona amaphoyisa ayehliswe esikhundleni. Kuthiwa wasongelwa ngokuthi ngeke aqale emsebenzini wakhe omusha, wadutshulwa ngempela kusele nje isikhathi esingangesonto kufike usuku ayezoqala ngalo, ngakho kuyacaca ukuthi lezi zingane zazithunyiwe,” usho kanje.
Lo mndeni uveze ukuthi namanje aweneme ngokungayitholi incazelo ekutheni amaphoyisa kuMasipala weTheku ayehlanganaphi nokuthi agadiswe ikhansela kwazise awakuqeqeshelwanga ukugada umuntu, kumele ukuba kunophiko lwalokho oluqeqeshelwe lowo msebenzi.