ZIFUNA kumbiwe isidumbu izihlobo ezikholelwa ekuthini iyigazi lazo indoda okuthiwa yangcwatshwa emzini kanogada owayesebenza enxanxatheleni yezitolo lapho le ndoda ebihlala khona nabangani bayo.
Lo mndeni uthi sekuyophela unyaka wesibili lo wakubo anyamalala. Ekumfuneni kwabo bayalelwe ngabangani abebehlala nesihlobo sabo ezitaladini eManzimtoti, ukuthi yashona nyakenye.
Kuthiwa isidumbu sale ndoda sathathwa umndeni thizeni ongahlobene nayo wayosingcwaba egcekeni.
UMnuz Lucky Nene (36) kuthiwa wahamba kubo kwa-J eMlaza enenkinga yokusebenzisa izidakamizwa, okugcine ngokuthi abe ngomunye wabaphila emigwaqeni. Kuvele ukuthi selokhu ahamba ngo-2021 kodwa ubebonakala eManzimtoti lapho ebehlala khona nozakwabo "abhema" nabo.
UMfowabo kaLucky, uMnuz Sibusiso Nene, uthe nakuba kuwumuntu obekuke kuphele isikhathi engabuyi ekhaya, kodwa ubengakaze anyamalale isikhathi eside kakhulu. Kuthe nyakenye babona esehambe isikhathi eside baqala baphuma inqina lokumthungatha. Yingaleso sikhathi lapho bethole khona ukuthi bese kunezinyanga ashona.
“Emasontweni adlule udadewethu uhlangane nomngani kaLucky abebengama’phara’ naye, wabuza ukuthi kungani singamtshelanga ukuthi umngani wakhe washona ngoba wayezofika emngcwabeni wakhe.
Kwasidida lokhu ngoba sasingakaze simngcwabe noma sizwe ngokushona kwakhe.
Usiyalele lapho ebehlala khona emva kwesitolo eSpar, eManzimtoti. Kuthe ngempela uma sifika khona abehlala nabo baqinisekisa ukuthi washona ekhona kule ndawo abebehlala kuyo emva kokuhlatshwa wukugula. Bathi bathe kodwa kwafika abathile abathi bangabakubo, bathatha isidumbu bathi bazosingcwaba KwaFelikisi,” usho kanje.
Uthe lokhu kubadidile ngoba azikho izihlobo zabo ebezazi ngokufa kukamfowabo nokuthi bona bewumndeni bekuwudaba abebeqala ukuluzwa. Kugcine kuphoqa ukuthi bacele abangani bomfowabo, abaveze ukuthi baya emngcwabeni wakhe emzini othile khona KwaFelekisi. Babaphelezele baye khona.
Uthe walibona ithuna okuthiwa ngelomfowabo kodwa wama ngaphandle komuzi.
“Ngiye esiteshini samaphoyisa eManzimtoti ngawabikela lolu daba, asiphelezela nomunye wabangani bakamfowethu owayekhona ngesikhathi engcwatshwa. Saya kuloya muzi.
"Uma sifika khona bavumile ukuthi sikhona isidumbu esangcatshwa kodwa ngesesihlobo sabo. Amaphoyisa acele imininingwane nesitifiketi sokufa kodwa owesifazane esimficile uthe imininingwane yonke ikudadewabo kamufi ohlala eThekwini, wahamba nayo,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi umndeni ubuza abebehlala nomfowabo ukuthi kungabe lo mndeni othathe isidumbu waze kanjani ngokushona kwakhe, uthe kunowesilisa osebenza njengonogada khona eSpar, okuyisitolo abalala emva kwaso, bebenokubizana ngobafo benomufi, abuye amphathele nokudla nezinye izinto. Kuthiwa nguyena owabamemela emngcwabeni.
Umndeni usola ukuthi isidumbu selungu lawo santshontshwa ngenhloso yokufaka izicelo zemishwayilense kamasingcwabisane futhi uma beya emahhovisi oMnyango weziNdaba zaseKhaya, kuvela ukuthi usaphila, okukhombisa ukuthi kusetshenziswe imininingwane engesilona iqiniso.
Kumanje sebevule icala ngokulahleka komuntu. Isolezwe linayo inombolo yecala.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphenduli ukuqinisekisa ukuvulwa kwecala.
Imizamo yokuthola umndeni okungcwatshwe kuwo isidumbu kayiphumelelanga. UNene uveze ukuthi izinombolo zocingo akazithathanga ngoba ufuna udaba lusetshenzwe ngamaphoyisa.