UMNDENI womfundi wasesikoleni iTholizwe High eFaye eMshwathi oshaywe wabulawa ngabanye ngeledlule, uthi ufuna izimpendulo ngesigameko, emva kokuthola ukuthi indodana yawo ibiwukudla kwenduku, ihlukunyezwa ngamabhoklolo ebifunda nawo esikoleni.
UNkululeko Mbeje (17) obefunda uGrade 12 kulesi sikole kuthiwa uhlaselwe yidlanzana labafundi bakulesi sikole ngeSonto ngeledlule, bafuna uMnyango wezeMfundo ezifundazweni, amaphoyisa nabaholi bomphakathi ukuba bangenele ezimpini ezenzeka emphakathini, ezigcina zikapakele nasezikoleni, ezenzeka ezikoleni, zigcine siphazamisa nokufunda ezikoleni.
Kuthiwa ngesikhathi esethwishike phansi, omunye wabo uqhubeke nokumkhahlela ekhanda ethi ufuna ukubona ukuthi kuzoshaya uLwesihlanu olwedlule) esaphila yini.
Ilungu lomndeni uNksz Thobi Mbeje, lithe emva kokwaziswa ngesigameko baphuthume endaweni yesehlo, bamfica eshaywe umzimba wonke, engakwazi nokwenzani, bamphuthumisa esibhedlela.
“Uhlale kwi-khoma esibhedlela esiseMgungundlovu iGreys, kwaze kwaba uLwesithathu, okuwusuku adlule ngalo emhlabeni,” kusho uNksz Mbeje.
Uthe emva kokwenziwa ama-scan odokotela, batshelwe ukuthi kukhona igazi eliconsele ebuchosheni, babuye bathi kukhona namathambo aphukile ekhanda.
Elandisa ngabakutholile ngesigameko, uthe umufi uhlaselwe ngabasolwa okuthiwa ufunda nabo esikoleni eyothenga i-data esitolo sendawo.
“Kuthiwa ubafice esitolo ababulali, kwaba khona oyedwa onyathelekayo. Kuthiwa uxolisile, kwaba sengathi bayalwemukela uxolo lwakhe kodwa kuthe esehamba esebheke le, oyedwa wamjikijela wamshaya ngebhodlela ekhanda,” kusho uNksz Mbeje.
Uthe umufi uvele wabaleka ngoba uthe uma ephenduka wabona ukuthi bayamjaha ngokuhlanganyela.
“Ekubalekeni kwakhe bamjahe bamfica. Sizwa kuthiwa bamshaye ngamatshe nangenduku enekhanda lensimbi,” kusho uNksz Mbeje.
Uthe bezwe ukuthi abebesekhaleni lokushaya indodana yabo, ngabafana ababili bakomunye umuzi ongumakhelwane wabo.
Ubuye waveza nokuthi ngesikhathi esesesibhedlela umufi, bathole ukuthi laba bafana bese kungokwesithathu bemhlasela umufi.
“Ngonyaka odlule kuthiwa bamhlasela bemphathele ummese. Ngasekuqaleni kwalo nyaka nakhona kuthiwa baphinde bamhlasela, ngokumthela isibhaxhu. Yena ubengakaze asitshele ngalokhu siwumndeni.
“Sifisa amaphoyisa enze umsebenzi wawo, khona sizothola iqiniso lokuthi bebemzondeni kangaka ukuthi bangalokhu bemhlasela baze bagcine ngokumbulala,” kusho uNksz Mbeje.
Echaza uthe umufi ubengumuntu obevame ukuzihlekela, ehlonipha futhi engayithandi impi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseHarburg aphenya icala lokubulala emva kokuthi umufi ehlaselwe ngabasolwa.
Imizamo yokuzwa ukuphawula koMnyango wezeMfundo kayiphumelelanga. Kushaye isikhathi sokushicilela ikhansela lendawo lingakatholakali.
Muva nje kusanda kubikwa ngesigameko sokugwazana kwabafundi esikoleni iWoodlands Secondary eMgungundlovu, kwalimala abafundi baka-matric ababili, omunye wabo wagwazwa ekhanda ngommese, omunye washaywa ngebhande elinensimbi ekhanda.