UFUNA baboshwe bese beyashushiswa abafundi abangamabhoklolo ababukise ngengane yakhe beyishaya futhi bayiphuca iselula yayo yagcina ngokuthi izibulale ngokuzilengisa.
UThabiso “Boy” Dladla (17) obefunda uGrade 9 eKhabazela High, Embo eThekwini uthunwe ngeSonto.
Kuthiwa lo mfundi uzikhunge ngoLwesibili emuva kokuthi ngoMsombuluko ashaywa ngozakwabo okuthiwa bamvulela isikokela bemkhahlelisa okwebhola bemsola ngokweba iselula yomunye umfundi.
UNkk Zinhle Dladla, unina kaThabiso, uthe nakuba ungeke usabuya umphefumulo wengane yakhe kodwa ufuna kwenzeke ubulungiswa ngokuthi abafundi abamshaya bafakwe endleleni eqondile.
“Kumele abamshaya bazi nangomuso ukuthi kuzokwenzakalani kubona uma benza into efuze abayenzile. Ngifuna kwenzeke ubulungiswa ngento eyenzekile,” kusho uNkk Dladla.
Uqhube wathi watshelwa uThabiso eseshayiwe ukuthi usolwa ngokweba ifoni okuyinto athe akayikholwa.
Unina kamufi uveze ukuthi emasontweni amathathu edlule wathenga ifoni entsha, kwathi endala ayekade eyisebenzisa wayipha uThabiso.
Uthe kuyamdida ukuthi uThabiso wayengayeba kanjani ifoni yomunye umuntu ekubeni wayekade esanda kuthola ifoni naye.
“Ngayibona kancane ividiyo okwakushaywa khona uThabiso ngayalela izingane ekhaya ukuthi ziyicishe emafonini. Kwakuyinqwaba yabafana ababemhlanganyela bemfake phakathi nendawo, bemshaya bayajika lapho bamthathela ifoni yakhe,” kusho uNkk Dladla.
Uthe uyasola ukuthi into eyamcasula kakhulu aze agcine ezibulele uThabiso wukuthi washaywa futhi wathathelwa ucingo lwakhe.
Uveze nokuthi ingane yakhe kwakuyothi uma iphothula isikole ifundele ukuba umshayeli wamabhanoyi.
Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Sithembiso Mngadi uthe bamisiwe esikoleni abafundi abashaya umufi. Uqhube wathi esikoleni kukwampunz’edlemini ngenxa yenkinga yezidakamizwa esuka emphakathini.
UMngadi uthe kunothishomkhulu wesifazane obambile emuva kokushona kowayenguthishanhloko ngoMashi nonyaka owayeseneminyaka emithathu ehlabe ikhefu lokugula emsebenzini.
“Sisebenzisana nobuholi bomphakathi namaphoyisa siqaphe isimo esikoleni. Ikhona nenkinga yezidakamizwa egcina yenza abafundi bangalawuleki. Umphakathi unovalo lokuthi hleze umnyango ugcine ususivala isikole uma izinto ziqhubeka ngale ndlela, yingakho uhlangana uqinisekisa ukuthi kunozinzo esikoleni,” kusho uMngadi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa asesiteshini saseHillcrest aphenya icala mayelana nokushona kwalo mfundi.
Ikhansela lendawo, uMnuz Marco Mbambo, lithe basiqaphile isimo kulesi sikole njengoba yena nabamahlelo ehlukene emphakathini izolo beye kobheka ukuthi kunozinzo futhi kuyafundwa.