UKHALE ngokungabambisani kwezinhlaka ezahlukene zikahulumeni uCyril Ramaphosa evakashele eHammanskraal kulandela ukushona kwabantu abangu-29 ngenxa yesifo sohudo.
URamaphosa uhambele kule ndawo eyohlola nesimo sesiphehli samanzi ngaphambi kokuzehlisa emphakathini wakule ndawo.
“Ngithanda ukucela uxolo ngokunganiniki izidingo eziyilungelo lenu, sisonke lapha singabaholi, sihlulekile ukunenzela iqiniso,” kusho uRamaphosa ekhuluma nezakhamuzi zaseHammanskraal.
URamaphosa uhambele kule ndawo ehamba noNgqongqoshe wezeMpilo uJoe Phaahla noNgqongqoshe wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle uSenzo Mchunu, uNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi kanjalo nemeya yaseTshwane uCilliers Brink.
UMengameli uthe umnyango wezempilo uqalile ukuphenya ngomsuka wale nkinga esibulale abantu abangu-29.
“Sinethemba lokuthi lolu phenyo nalolu olwenziwa nguMnyango wezaManzi luzofinyelela esiphethweni sazi kahle ukuthi inkinga iqale kuphi,” kusho yena.
Uthe ngesikhathi efika ekuseni uqale iRooiwal Wastewater Treatment ukuhlola isimo ukuze akwazi ukwethulela umphakathi umbiko ophelele ngokuthi kuzokwenziwanjani ukulungisa le nkinga.
Uthe kubonakele ukuthi inkinga enkulu wukuguga kwenqalasizinda.
“Kuvele kwahlala obala ukuthi ikinga enkulu kule ndawo yinqalasizinda yakhona esiguge kakhulu. Ngixoxe nomunye wabaphathi bakhona ukuthi umasipala kumele ngabe ubabela imali engangoR60 million kodwa ubanika kuphela uR14m nokuyinto eyinkinga kakhulu ngoba nina zakhamuzi nikhokha njalo ngenyanga, nokusho ukuthi iningi imali engenayo kumasipala kodwa ayisetshenziswa ngendlela efanele,” kuqhubeka yena.
URamaphosa uvumile ukuthi kunenkinga yokungabambisani phakathi kohulumeni bezinhlaka ezahlukene kanti lokhu yikona okwenza kube nzima ukuhanjiswa kwezidingo emphakathini.
Uveze ukuthi uhulumeni kazwelonke uzokhipha imali elinganiselwa kuR4 billion ngeminyaka emithathu ukuxazulula le nkinga kodwa nomasipala waseTshwane kumele kube khona akubeka etafuleni ukuze kusetshenzwe ngokubambisana.
Ubuye wanxusa umasipala ukuthi aqashe abantu abasha abangasebenzi ukuze babe ngabaqaphi besimo samanzi emphakathini.