UCHAZWE njengeqhawe lomuntu omusha owesifazane waseSheshi obebhekelele izimali kwisiFundabhishobhi saseNatal esiholwa nguMbhishobhi Nkosinathi Ndwandwe.
UNksz Thandekile Charmaine Dumisa (40) udlule emhlabeni ngemuva kokuxinwa ukugula esePort Shestone Hospital.
Izolo bekunenkonzo yakhe yomngcwabo ebikade iqhutshwa esakhiweni sePherishi abekade ekhonza kuyona, iSt Augustine, eyaziwa ngokuthi kukwaMdladla, eMlaza.
UFata Phumlani Dludla uthe njengebandla bagqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni kukaNksz Dumisa.
Umchaze njengowesifazane obenobuhlakani, ekhuthele futhi kukuningi okuhle aphokophelele ukukuzuza.
“Kuningi okuhle abekwenzela ibandla. Siyafisa nje ukuthi siduduze umndeni nabo bonke nabangani,’’ usho kanjena.
Uyise kamufi ongusomabhizinisi owaziwayo, uMnuz Musa Celani Dumisa, uthe bafe olwembiza ngokudlula emhlabeni kukaThandekile.
Uthe kuningi okuhle abekwenza emndenini kanjalo nasebandleni laseSheshi.
Uthe indodakazi yakhe ibingumuntu ekubeka eqhulwini ukubona intsha iba nekusasa eliqhakazile.
Umncomile ngokuthi usebenzele ibandla ngokuzikhandla nangokuthembeka.
NgoLwesine bekukade kukhona inkonzo yakhe yesikhumbuzo eMargate ebikade ihanjelwe nguMbhishobhi uNdwandwe, naye omethulele isigqoko umufi.
Amalungu amaningi ebandla amncomile umufi ngegxalaba alifakile ekuqinisekiseni ukuthi zihamba kahle ezezimali ebandleni.
USolwazi Bonke Dumisa, onguyise omncane kamufi, uthe bayambonga uNkulunkulu ngokubabusisa ngohlobo lomuntu omusha obehlakaniphile futhi ebazisaabanye abantu.
Uthe uhlobo lwenkonzo aphelezelwa ngayo umufi iwubufakazi bokuthi ubengumuntu onjani.
Umlando omfishane kamufi uveza ukuthi amabanga aphansi uwenze eCebolenkosi Pre Primary nasesikoleni Enyanisweni Primary. Wadlulela ePort Shepstone High School.
Ubeneziqu zeBusiness Science azithole eNyuvesi yaseKapa. Wase enza neBachelor of Commerce. Ufihlelwe emathuneni ebandla.