NAKUBA iMamelodi Sundowns seyisivikele amahlandla ayisikhombisa isicoco seligi kodwa usihlalo wayo, uTlhopie Motsepe, akumphethe kahle ukuthi iseyodwa ekhabetheni labo inkomishi yeCaf Champions League.
Lesi sikhulu sibhoboke ngalokhu kwiSolezwe kade sihambele umcimbi weqembu laso wokubonga abalandeli ngokubeseka.
Kulo mcimbi obusenxanxatheleni yezitolo iWorkshop, eThekwini, uMotsepe uthathe cishe ihora lonke exhawula, ethatha nezithombe nabalandeli bamaBrazillians .
Iningi belibabaza umoya wakhe omuhle nokungaziphakamisi.
ISundowns beyifike nezinkomishi ezinqobe kule sizini okungeyeDStv Premiership neye-African Football League (AFP).
UMotsepe othathe izintambo kuyise, uDkt Patrice Motsepe ngoMashi, 2021, uthe akumphethe kahle ukuthi kulezi zinkomishi ebeziklelisiwe ayikho eyeChampions League.
AmaBrazillians agcina ukuyinqoba ngo-2016 esaqeqeshwa uPitso Mosimane.
Ngaphansi kobuholi bukaRhulani Mokwena obambisene noManqoba Mngqithi, kusemnyama ngalesi sicoco.
"Kule sizini sizokwenza okudlula zonke izinto ukuze sithole iChampions League. Kokunye kwako ukuthi ngo-Julayi 13 iqembu lethu lizolibhekisa e-Austria ukuyokwenza amalungiselelo esizini entsha. Inhloso enkulu yalolu hambo ukuyozicijela nokuziqinisela iChampions League. Nginethemba kulokhu ukuthi izisofica sibukhali nhlangothi zonke. Akukuhle eqenjini elisezingeni leSundowns ukuhlulwa yile nkomishi," kubeka uMotsepe.
Uqhube wathi: "Akukona ukuthi kumasizini edlule besingalwi ngendlela eyanele ukunqoba iChampions League. Ngokubona kwami besihlulwa ukucupha izikhala. Kumele uma sifika kowandulela owamanqamu kuya phambili sazi ukuthi senzani ngesikhathisini. Ngiye ngithi inhlanhla ilapho ithuba lidinga ukulungiselelwa khona. Sesiyakwazi ukumele sikwenze.“
UMotsepe uthe ukuze bafeze leli phupho kumele baqine ndawo zonke. Nakuba enganabanga kodwa uveze ukuthi namuhla (ngoMsombuluko) bazokwethula uKenneth Makhanya njengesinye sezikhulu zabo. Eminyakeni edlule wake waba imenenja jikelele yamaBrazillians. Ushiye isikhundla sokuba i-CEO yePremier League of Eswatini (PLE). UMotsepe uveze nokuthi bazokwethula noThabo Phiri ozokwengamela umnyango wezokumaketha.
Ekhempini yase-Austria, iSundowns izozinza eFulpmes. Izozwana amandla neDynamo Kyiv yase-Ukraine emdlalweni ozoba ngoJulayi 17.
Emdlalweni olandelayo izodlala ne-Al Fayha egijima kwiSaudi Pro League, ngoJulayi 21. Owesithathu izowudlala ngoJulayi 25 neHuddersfield Town yase-United Kingdom (UK). Elinye iqembu engase ibhekane nalo i-Olympique Lyonnais yaseFrance. Ngokusho komthombo, iSundowns isalinde leli qembu lamukele isicelo sayo. Izobuyela kuleli ngoJulayi 26.