SEKUQUBUKE imvunge kumaNazaretha ngaphansi kobuholi benkosi uMduduzi Shembe uNyazilwezulu ngemali yensipho yokugeza ihlazo lokuthi lo mholi ushiywe yibhanoyi eye enkonzweni eCape Town ngeledlule.
Kuthiwa amaNazaretha asenqunyelwe ujuqu ngabagcotshwa abathile okuthiwa bafuna le mali iqale ukukhokhwa njengoba kuqala umhlangano kaJulayi.
Okunye okuthiwa kukhalisa amaNazaretha ukuthi sekuphakanyiswe nokuthi kuqoqwe imali yokuthengela uNyazilwezulu ibhanoyi elizohamba ngalo uma liya kwezinye izindawo ezingaphandle kwesifundazwe.
Umthombo waleli phephandaba, ongashayi eceleni, uthe le mali kuthiwa idingeka ngoMsombuluko njengoba kuzoqala inkonzo kaJulayi.
“Inkinga esiyibonayo la ukuthi kunabagcotshwa abafuna ukuqola amaNazaretha egameni loNyazilwezulu. Bamemezele ukuthi bayile kumholi uNyazilwezulu beyovuma ihlazo elenzekile ukuthi inkosi igcine ingabanga yingxenye yenkonzo ebiseCape Town njengoba yafika isikhathele. Emva kwalokho bamemezele ukuthi wonke umuntu oyiNazaretha eNingizimu Afrika anikele ukuze kuhanjiswe imali yensipho ukugeza ihlazo lokuthi amaNazaretha aye eCape Town eshiya umholi ngemuva. Inkinga esinayo ukuthi abantu abadala lokho yibona abaholi abaphazamisa inkosi uNyazilwezulu ngokulokhu bethi basayobheka indawo inkosi ezohlala kuyona ebhanoyini laze lahamba ibhanoyi ingangenile, manje sekuthiwa asiyogeza ihlazo,” kusho umthombo.
Uqhuba uthe emva kokushiywa yibhanoyi koNyazilwezulu kuphoqeleke ukuthi luhanjiswe ngemoto luya eCape Town. Lokho kudale ukuthi lufike sekwedlule isikhathi futhi lukhathele kwaphoqeleka ukuthi lungabe lusayibamba inkonzo yangeSabatha eledlule eCape Town.
Leli phephandaba linawo umyalezo odluliswe ngabanye babagcotshwa kumaNazaretha obhalwe kanje: Sanibonani zihlobo zami ezinhle eNkosini. Ngiyathemba uThixo usasigcinile sonke. Ngiyazi siyazi isimo esisehlele eZweni lakithi eNingizimu, uThixo ehambe uhambo lwaseKapa, kwagcina kwenzeke ihlazo elingenziwanga umuntu wakithi eNingizimu kodwa inkinga ukuthi uThixo wayekithi eNingizimu, leli hlazo lasithela sonke. Izolo kuyiwe phambi kweZulu ozihlalo bonke bakithi kanye noMfundisi Mvubu neNkosi yakwaBhala. Bekuyofunwa insipho yokugeza lesi simo njengoba lo monakalo wagcina wenze uThixo wangaba senkonzweni ngosuku lweSabatha. Ngithi anginazise ukuba kuyolungiswa leso simo kuthiwe asiyazise yonke iNingizimu uma kukhona abafisa ukuba bangasali ukususa lel icala bangavela.
Siyabonga.
Emva kwalesi sicelo kuthiwa sekuphume nomyalelo wokuthi abesilisa baqale ukuhlanganisa imali engu-R1000 abesilisa kube u-R500 kwabesifazane ukuze kuthengelwe uNyazilwezulu ibhanoyi. Kuthiwe le mali kumele iqale ukukhokhwa ngoMsombuluko ngoJulayi 1.
Okhulumela umholi uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe inkosi uNyazilwezulu ihlakaniphe kabi ukuthi ingashiywa yibhanoyi.
“Abantu ngeke bakuqonde ukusebenza kukaShembe. Akukhona ngoba ashiywa yibhanoyi kodwa kukhona ayesafuna ukukulungisa okuthinta uShembe, imiphumela yakho ezobonakala kungekudala. UShembe uMpicabadala, udida izazi. Bazitshela ukuhji washiywa yibhanoyi ababoni kukhona ayesakulungisa,” kusho uMncwabe.
Ngodaba lokuthenga insipho yokugeza ihlazo, uthe kuke kwenzeke insipho ithengwe uma kungukuthi kunesigameko esenzekile okumele sigezwe kodwa ngeke angene kakhulu kulona.
Uqhube wathi nalaba abathi kumele kuthengele uNyazi ibhanoyi uyabancoma kakhulu, wumqondo omuhle lowo kodwa ikomidi lebandla belingakahlali phansi ukudingida lolo daba. Uveze ukuthi nemali okuthiwa izokhishwa uyibona inkulu kakhulu, wathi ngomnikelo ka-R20 nje umuntu emunye lingaphuma ibhanoyi ngenxa yobuningi bamaNazaretha.
Amalungu ebandla lamaNazaretha alinganiselwa ku-7 million.