Kubhoboke ithumba ngomsuka wokungahoshelani obekwenzeka bukhoma phakathi kukaThembinkosi Lorch, osedlalela iMamelodi Sundowns, noDeon Hotto we-Orlando Pirates.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi abadlali besengabalingani kweZimnyama.
Ngokusho kwesitobha sePirates, uPaseka Mako, obekhuluma kwiqophamlando i-The Changeroom, ekhonjiswa kulezi zinsuku kwiSuperSport, isimo besisibi phakathi kwalaba badlali kangangokuthi nomqeqeshi uJose Riveiro, ubenolwazi ngobekwenzeka.
Yize ebengazimisele ngokugamanxa kule ndaba kodwa kuyaqaphelaka ezinkulumweni zikaMako ukuthi, uLorch osengumdlali weSundowns, ubengenza kangcono ukubhula umlilo kepha waqoma ukuwubhebhezela.
Kuleli qophamlando lePirates kukhuluma noHotto ongafihli ukuthi yena noLorch bebengahoshelani futhi akaboni ukuthi bayoke babe abangani.
Isisusa sendaba ukuthi uHotto ufike kwazwakala kwiPirates edlala yonke imidlalo engakhishwa kuphinde kupheshwe ngaye uma kukhona lapho kuvuleke khona igebe.
Akuzange kuhlale kahle lokhu kuLorch kangangokuthi iPirates ize yahlukana phakathi kukhona abahamba noLorch ngakolunye uhlangothi kukhona abeseka uHotto.
Ngokusho kukaMako, uLorch obehlushwa wukulimala ngaleso sikhathi ubedliwa umona wokuthi uHotto wenza kahle futhi wonke umuntu uyabona.
“Indaba kaLorch noHotto iliphazamisile iqembu ngoba uqhekeko belusobala ekubeni kufanele sibe iqembu,” kusho uMako.
“Kube yindaba enkulu impela ngoba bekucaca ukuthi abakhulumisani, abaphaselani uma sisenkundleni bedlalisana nakabi singekho isidingo.
“Ngokwami bekuwumona kuLorch ngoba ubehlushwa ukulimala ngaleso sikhathi. Okuyinkinga kakhulu ukuthi bekusiqembula phakathi,” kulandisa uMako.
Kwale noma uHotto esetholile ukuthi uLorch unenkinga, naye wazama ukuyixazulula kodwa walibeka ngembaba lo mdlali osekwiSundowns ukuthi akafune lutho oluzomhlanganisa naleli nxele laseNamibia.
“Kuliqiniso ukuthi bengiyidlala cishe yonke imidlalo kodwa bengingazibopheli esikimini! Ukungidlalisa komqeqeshi ezindaweni eziningi ikhona okungiqalele izinkinga ngoba kulandelwe ukuthi ngizwe ukuthi kunezinkonondo ngami.
“Kwenzeka konke lokhu nje, ngiyazizwa ukuthi ngiyavutha kwazise bengishaya amagoli ngakhela nozakwethu.
“Okuningi kuqale lapho sengizwa ngabanye abadlali ukuthi lithini ngami iqoqo likaLorch. Kulapho ngizicelele khona kumqeqeshi ukuthi angabe esangibophela ngoba naye ubenolwazi olugcwele ngobekuqhubeka.
“Bekungasemnandi ekubeni bengizele umsebenzi namaphupho kwiPirates hhayi ukuzoba ingqongqo kwabanye,” kusho uHotto.
Kwale noma uBandile Shandu, ezama ukuyinabulekilsa indaba, uMako wamkhumbuza usuku lapho uLorch etshele khona uHotto emehlweni ukuthi akafune lutho oluzomhlanganisa naye.
NgokukaMako lokhu bekwenzeke kulandela ukubuza kukaHotto kuLorch ukuthi inkinga ikuphi, uma ikhona ingalungiswa kanjani.
Inombolo kaLorch ibingangeni kanti imizamo yokumthola ngeSundowns ayizange iphumelele.