KUHLUKENE imibono ezinyunyaneni zothisha kuleli ngokuqokwa kukaNgqongqoshe omusha weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, njengoba zithi zizomqapha ngelokhozi ngendlela azosebenza ngayo.
ISadtu iyakuchitha ukuqokwa kwakhe, ithi unomlando wokungazifuni izinyunyana njengoba ehlale ezigxeka, ikakhulu kwezemfundo.
INatu ngakolunye uhlangothi ithe izomlinda imbone ukuthi uzosebenza kanjani ngaphambi kokubanga umsindo uma esephambuka.
UNobhala-jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, umchithile uNksz Gwarube wathi iqembu alimele alinendaba nezikhalazo zothisha abamnyama.
UMaluleke uthe bayazi ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa unelungelo lokuqoka noma ngubani ambona efanele ukuphatha umnyango othile.
“I-DA ibichitha umthetho wezikole, iBela, oqhakambisa indaba yolimi okumele lusebenze ezikoleni kanjalo namandla anikwa inhloko yoMnyango wezeMfundo. Aseneme ngokuthi umnyango unikwe umuntu we-DA noma kuthiwa umnyama. ”
Uthe ngisho emqulwini wokukhankasela ukhetho we-DA, yakubeka kwacaca ukuthi iSadtu inamandla ngakho kumele kubhekwane nayo.
“Noma kungumengameli onamandla kodwa akukho okuvimba i-DA ukuthi yenze ekuthandayo ngomnyango ewuphethe. Siyinyunyana enkulu kwezemfundo ngakho uphoqelekile ukuthi asebenzisane nathi,” kusho uMaluleke.
Umengameli weNatu, uMnuz Sibusiso Malinga, uthe bayamamukela uNksz Gwarube, wathi bona basebenza nanoma ngubani.
Uthe njengoba bengacheme naqembu lezepolitiki, abanankinga nabaphathiswa beminyango noma kuthiwa baqhamuka kuliphi iqembu.
Uveze ukuthi vele nasezifundazweni abaphathiswa bavela emaqenjini ahlukene.
“Sizomlinda aqale asebenze sibone ukuthi uzozisukumela izinkinga ezikhona kwezemfundo bese sibanga umsindo uma engasazenzi. Asikwazi ukumchitha singakezwa nokuthi uhleleni ngomnyango.”
Uthe ziningi izinselelo ezisabhekene noMnyango wezeMfundo.
“Kunenkinga yengqalasizinda ezikoleni, inkohlakalo ekukhishweni kwamathenda, ubugebengu ezikoleni, ukunqanyulwa kwesabelomali seminyango kanjalo nezinkinga ohlelweni lokudla. Sifuna aqashe othisha ababhuquza emakhaya, avale nezikhala ezikoleni.”
Uthe kumele aqede nokuqashwa kwabathile ezikhundleni eziphezulu ngoba bedlelana neqembu elithile.
INaptosa ithe kube nozinzo ngesikhathi kusaphethe obengungqongqoshe, uNkk Angie Motshekga.
Ithe bazomeseka uNksz Gwarube futhi bazosebenzisana naye ezinkingeni ezibhekene nomnyango.
UNksz Gwarube (34) uneziqu zeBA kwi-Law, Politics nePhilosophy azithola enyuvesi iRhodes.