Kusolakala ukuthi kube nesandla semfene kugwazwa, kubulawa umfundisi emvuselelweni yebandla, iFountation of Life Global Church, ebikwaDendethu, eMandeni, enyakatho yaKwaZulu-Natal, esigamekweni esenzeke ngoMgqibelo ebusuku.
Umholi webandla, uMfundisi Sifiso Mazibuko, uthe kubashaqise kakhulu ukubulawa kukazakwabo ngesihluku esinje futhi basola ukuthi lesi senzo sinogcobho ngenxa yendlela esenzeke ngayo.
Umufi, uMfu Mduduzi Mcineka (49), kuthiwa ubesenonyaka agcotshelwa ubufundisi kuleli bandla kanti ubesebenza kwenye yamafemu enza imibhede KwaSithebe, khona eMandeni.
Elandisa Isolezwe ngokwenzekile, uMazibuko uthe ibandla lakhe belikade lenze imvuselelo phakathi noJuni, kwathi ngokubona ukuthi abantu bayithakasele base benquma ukuyenza futhi ngoLwezihlanu nangeMigqibelo ezindaweni ezahluke endaweni.
“Nangalowo Mgqibelo besiyenzile imvuselelo, sibeke itende kwaDendethu ukuzokhulekela inhlalakahle yomphakathi, sinxuse uNkulunkulu ukulwisana nobugebengu nezinye izimo ezikhathaza umphakathi wasendaweni,” usho kanje.
Eqhuba, uthe ngenkathi kwenzeka isigameko yena ubengakafiki etendeni kodwa utshelwe ukuthi imvuselelo ibisiqalile, kunomama obefunda iBhayibheli epulpiti, sekuzovulwa inkonzo.
“Kuthiwa kuqale kwaqhuma izibhamu bude buduze netende obekuhlanganyelwe kulona kepha akwanganakeka kangako, abazalwane baqhubeka nokukhonza. Kuthe kusenjalo kwangena abalisa abathathu abangaziwa kodwa kwangasolwa lutho ngabo ngoba vele abantu bebeqhubeka betheleka ngobuningi babo njengenjwayelo etendeni.
“Kusuke omunye walaba balisa wayohlwitha iselula yalo mama obesepulpiti, efunda iBhayibheli kuyona, wazama ukubaleka nayo. Umufi usukumile ezama ukuyosiza lo mama obephucwa iselula, kwaba nesibhudubhudu kwase kusuka omunye walaba balisa abangaziwa wagwaza umufi esiswini. Umphefumulo uphumele endleleni ephuthunyiswa emtholampilo lapho udokotela esazise ukuthi ummese ushaye nenhliziyo wopha kakhulu, washona,” kulandisa uMazibuko.
Uthe okwenza bashaye amakhala ngalokhu wukuthi ngaphambi kwesigameko kunamalungu afike enkonzweni ukuzolanda izihlobo zawo inkonzo ingakapheli. Lokho okwenza basole ukuthi kungenzeka kukhona abebazi ukuthi kunento enje ezokwenzeka.
“Sifisa ukuthi amaphoyisa alandelele ngalesi sigameko ngoba indlela esenzeke ngaso yenza sishaye amakhala futhi sekuqala ukusikhathaza lokhu ngoba sekungokwesine manje kufa umfundisi endaweni ngendlela enesihluku kanje,” kusho yena.
Kuthintwa udadewabo kamufi, uNksz Hloniphile Mcineka, naye ukhale ngokuthi ibadidile indlela umfowabo ashone ngayo futhi yenza basole ukuthi kunogcobho oluthile kuyona.
Uthe yena ubengekho enkonzweni ngosuku lwesigameko, ufonelwe sekuvele sekonakele.
Uthe ngokwazi kwakhe umufi ubengenazo izitha futhi ewumuntu okholwayo nokhonze umndeni wakhe, akamazeli lutho olubi.
“Kuyasixaka ukuthi kungani umenzi wokubi egwaze yena kuphela ekubeni bekunabantu abaningi kangaka enkonzweni yingakho ngisola ukuthi kungenzeka ukuthi yitulo ebeliqondene naye ngqo. Sifisa ukuthi ukuphenya kwamaphoyisa kusiphendulele imibuzo esinayo ngokufa kukamfowethu,” kusho udadewabo kamufi.
Udadewabo kamufi uveze nokuthi yena nomfowabo badabuka eMthunzini kodwa sebehlala eMandeni manje ngenxa yomsebenzi.
Uthe ingane yakwabo ibiqashe KwaMasomonco, khona eMandeni, kodwa isiqalile ukwakha umuzi wayo osuzophela.
Umufi ushiye emhlabeni unina, unkosikazi nezingane ezimbili.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa asesiteshini eSundumbili aphenya icala lokubulala mayelana nesigameko sokufa kwendoda eneminyaka ewu-49.
“Kusolakala ukuthi lona wesilisa ugwazwe ngabasolwa abathathu abangaziwa ngoMgqibelo eMandeni, endaweni yakwaDendethu. Umgilwa uphuthunyiswe esibhedlela washonela khona ngenxa yamanxeba amabi okugwazwa,” kusho uConstable Ngcobo.