Buchitheke bugayiwe ibandla lixosha izethenjwa zomholi wamaNazaretha, Inkosi Mduduzi Shembe, uNyazilwezulu okuthiwa bezinamatulo ebeziwabophile ukuholela Ophathe umholi.
Isolezwe lithole lezi zindaba ngomthombo ongashayi eceleni nozazi zonke ezebandla, kuthiwa kunesimemezelo esenziwe ngoMgqibelo, eBuhleni kuxoshwa izethenjwa ebese zifana nensila yoNyazilwezulu.
Leli phephandaba linalo izwi eliqoshiwe lapho bekwenziwa khona lesi simemezelo futhi kukhona nekhophi yencwadi ebhalwe yiNhlalisuthi, iveza ukuthi sekunesikhathi yenza uphenyo ngabadla uNyazi izithende bengaphakathi ebandleni.
Abaxoshiwe, abangeke adalulwe amagama abo ngenxa yokuthi abatholakalanga ukuze baziphendulele, kuthiwa bahlonzwe njengabayingozi kakhulu ngamatulo okuthiwa bebewakhele lo mholi.
Omunye wabaxoshiwe kuthiwa uyathinteka ematulweni amabi okungcolisa igama loNyazilwezulu, ukudayisa umuzi waseBuhleni nasezinhlambeni ezihlambalaza uNyazi. Omunye kuthiwa uthinteka kuwona la matulo futhi kuthiwa yena ubedelela inkosi uNyazi. Owesithathu oxoshiwe kuthiwa kutholwe ukuthi ubesebenzisana nezitha zoNyazilwezulu ukuze kufezeke izinhloso zazo ukungcolisa uNyazi.
Imibandela yokuxoshwa kwabo kuthiwe bangaphinde babonakale bebeka imicondo yabo kuwona wonke amathempeli angaphansi kwebandla lamaNazaretha, oNyazilwezulu kuze kuphele iminyaka eyishumi. Noma ngabe kuthiwa isiphelile le minyaka kuthiwa ngeke bavele bavunyelwe ukungena ebandleni kodwa kuyoqalwa ezingxoxweni, uma ibandla lingagculiseki ngesimo sabo ngaleso sikhathi ngeke bavunyelwe ukubuyela kulona.
Kuphinde kwakhishwa nomyalezo oshubile wokuthi kungabi khona noyedwa kumaNazaretha ozozama ukubancengela noma ukukhuluma udaba lwabo ukuthi babuyiselwe ebandleni.
“Oyokwenza kanjalo uzomiswa iminyaka eyisikhombisa ebandleni. Uma kunezizathu ezibalulekile ayozethula ukuthi angamiswa, kuzomele azi ukuthi ngeke aphinde aqokelwe kunoma yisiphi isikhundla ebandleni. Ngokunjalo nomnikelo wesihle oya esiqwini (uNyazi) ngeke aphinde avunyelwe ukuthi awukhiphe,” kusho inkulumo eqoshiwe.
Umthombo wephephandaba uveze ukuthi bobathathu abaxoshiwe bebeseduze kakhulu koNyazilwezulu kangangoba ayikho into ebifika kulona ingadlulanga kubona.
“Amacala ka (emgagula ngegama) mabi kakhulu ngoba yena usebenzisana nezikhulu zepolitiki ukudicilela phansi isithunzi soNyazilwezulu. Inkinga ingethenda ka-R18 million okungumnikelo kaMongameli Cyril Ramaphosa wokwakha amadokodo eBuhleni, eyamiswa wuNyazi, abezibheke kuyona. Phezu kwamanye amatulo abathinteka kuwona uNzimande ungomunye wabathele uNyazi ngehlazo lokuthi lushiywe yibhanoyi luya eCape Town muva nje. U..(emgagula ngegama) yena kuthiwa ubesebenzisana nabaseThembezinhle ukuketula uNyazi,” kusho umthombo.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe kufakazeleka isiphrofetho somholi wesibili wamaNazaretha inkosi Johannes Galile Shembe Ilanga, asisho ngeNhlalisuthi njengoba kuyiyona ethathe lesi sinqumo.
“Inkosi iLanga yathi uma kukhona okungahambi kahle akobuzwa Inhlalisuthi ngebandla. Ngalokho yayisho khona ukuthi inhlalisuthi ingabaqaphi bebandla. Isinqumo esithathile sikholwa ukuthi ilwenzisile uphenyo ngaphambi kokuba isithathe,” kusho uMncwabe.