KUKHONA okusina kuyijeqeza inkampani yezokuthutha yezimoto ezikhokhelwa ngebanga iWanatu, esebenza phakathi kweCenturion nePitoli.
Le nkampani yasungulwa ngo-Okthoba 2024, ngabaxhasi abazimele, kanti inomgomo wokuthi kudingeka abashayeli abakhuluma isiBhunu kuphela. NgoDisemba 2024, le nkampani yathola izicelo zokujoyina ezingaphezu kuka-10 000 kanti kule nyanga kaJanuwari, kuthiwa lesi sibalo sikhule sayohlala ku-30 000.
Yize kudingeka abashayeli abakhuluma isiBhunu kuphela, i-App yakhona inazo izinsiza zokuhumusha isiBhunu ukuze kufundeke kubantu abakhuluma isiNgisi
Isikhulu sale nkampani, uJudith van der Walt, sithi izinsiza zale nkampani zifanelekile kuwona wonke umuntu, kodwa ngokwe-website yale nkampani, kubhalwe ukuthi inhloso yokusebenzisa isiBhunu ukubuyisa isithunzi emiphakathini yabo ngemisebenzi ebhekelele isiBhunu.
AbakwaWerksmans Attorneys batshele abeBusinesstech ukuthi uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika nemithetho yezabasebenzi iwubeka ngokusobala umgomo wokulingana.
“Isigaba 9(4) soMthethosisekelo kanye neSigaba 6(1) soMthetho Wokulingana Kwezokuqashwa (EEA) siyakwenqabela kokubili ukucwasa okuqondile nokungaqondile okusekelwe olimini.
“Uma i-Wanatu iqasha abashayeli bayo esikhundleni sokubasebenzisa njengosonkontileka abazimele, umbandela wayo wokwazi isiBhunu ungase wephule lezi zimiso,” kusho bona.
Abantu baphawule kanje:
I read a long article on Wanatu and I like their security. I am in! What a relief to use an e-hailing service and you know you are secure, your children are secure! The driver is known and has a real identity! Drivers are monitored where they are, who they pick up etc!
— Asindim Andazi Andikhathali (@mandisa_f) January 26, 2025
This week is going to be lit… #WANATU pic.twitter.com/jk7Gp7ZQ44
— Shaun Manzi (@shaunmanzi) January 21, 2025