UNOBHALA Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, usekhumbuze amaqembu ababambisene nawo kuhulumeni ukuthi asikho isivumelwano abanaso sokuthi kumele baqale bavumelane nawo ngaphambi kokuphasisa umthetho.
UMbalula uthe asikho isidingo sokuthi kusuke umsindo ngokusayinwa komthetho wokubuyiswa komhlaba.
“Asinaso isivumelwano sokuthi kumele sivumelane namaqembu esibambisene nawo kuhulumeni ngaphambi kokuba umengameli asayine umthetho. Asikho isidingo sokuthi kube nomsindo ngoba lo mthetho wadlula kuzona zonke izigaba,” kusho uMbalula.
Ukusho lokhu ekhuluma esithangamini nabezindaba ngokuphume emhlanganweni weLekgotla.
Ubuye wadlulisa amazwi enduduzo emindenini yamasosha ashone eDRC.
Uthe la masosha ayengayile kuleliya lizwe ukuyolwa kodwa ayeyoqinisekisa ukuthi kunokuthula.
UMbalula uveze ukuthi kuzoba nesithangami nabezindaba lapho uMnyango wezokuVikela kuleli, uzochazela isizwe ngokwenzekile.
“Afe engamaqhawe la masosha asale enkundleni. Abengayile eDRC ukuyovikela izinto ezithile kodwa abeyoqinisekisa ukuthi kunokuthula,” kusho uMbalula.