UKUNYUKA kwezibalo zabafa ezingozini zomgwaqo eNingizimu Afrika, kwenze ukuthi abantu bazwakalise imibono ehlukene ngezindlela zokukunqanda.
UNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uNkk Barbara Creecy, ekhipha izibalo kuleli sonto uthe kufe abantu abangu-1 502 emigwaqweni ngamaholidi nokuyisibalo esinyuke ngo-70, uma siqhathaniswa no-2023.
Uthe abashayeli abangu-3 840, baboshelwe ukushayela bephuzile kwathi izimoto ezingu-16 000, zatholakala zingekho sesimeni sokuba semgwaqweni.
Iphini likaCreecy, uMnuz Mkhuleko Hlengwa likhuluma kwiNewzroom Afrika kuleli sonto, liphakamise ukuthi kube khona intela eyengezwayo entengweni kaphethroli ezongena esikhwameni esinxephezela abalimala ezingozini zomgwaqo iRoad Accident Fund, nasemikhankasweni yezokuphepha.
UHlengwa uthe uma wenza abantu bangene bagamanxe emaphaketheni bazocabangisisa ngendlela abaziphatha ngayo ngokuthi baphuza kuphi futhi kanjani.
I-Automobile Assiciation (AA) ithe izingozi zidalwa nawukushoda kwezindlela zokuthutha, nokuguga kwemigwaqo.
“Uma kubhekwa le nkinga, kusemqoka ukuthi uhulumeni utshale imali engqalasizindeni yezokuthutha, unyuse amazinga omgwaqo futhi ukhuphule ukusebenza kwezinhlelo zokuqinisekisa ukulandelwa komthetho emgwaqweni. Lezi zinto zibalulekile ekuqinisekiseni isimo esinciphisa ukufa kwabantu okudalwa yiphutha labashayeli.”
Ithe okunye wukuthi kube yimpoqo ukuhlolwa kwezimoto minyaka yonke okuhambisana, nokuvuselelwa kwamalayisensi.
I-Retail Motor Industry Organisation (RMI) nayo ihambe emazwini e-AA ngokuthi kumele kuhlolwe izimoto ngaso sonke isikhathi.
Isikhulu sayo uMnuz Ipeleng Mabusela, sithe kumele kushintshwe indlela abashayeli abaziphatha ngayo kuqine nomthetho.
“Ngaphezu kokufundisa okuqhubekayo, ukushintsha indlela abashayeli abaziphatha ngayo, sikholwa wukuthi kuningi okumele kwenziwe ikakhulu okuthinta ukunakekelwa kwezimoto nokuba esimeni esifanele sokuba semgwaqweni,” kusho uMabusela.