NAMHLANJE ngifisa silalelisise bakwethu, ibalulekile le nto engifuna ukunikhuza kuyona. Ningayibona imikhuba eyenziwa yizingane zenu uma zidlala nezinye laphaya emahlangeni! Le nto ishayisa amahloni. Le nto ishiya imibuzo eminingi ngokuthi kanti bazali nenzenjani?
Hhayi bo! imikhuba eyenziwa yizingane zenu nezikukhulumayo, kudala amahloni. Zenza futhi zikhuluma izinto ozwayo futhi obonayo ukuthi akukho lapho ziyithole khona, ziyithole bukhoma ekhaya futhi zijwayele ukuyibona nokuyizwa.
Kuyihlazo futhi kuyathusa ukuthi ingane eneminyaka eyisithupha isikwazi ukufenda nokukhuluma amagama ano bhe$##...phakathi. Amagama amakhulu kanje! Shwele Baba! Ayilungile le nto ngoba lezi zingane zenu zifike ziyikhulume nezingane ezikhuliswe kahle emakhaya. Ubone okuwumfanyana oneminyaka eyisithupha, kukhipha itotolozana lako kulidlalisa kulibhekise komunye untanga wako. Omunye umbone leyo totolozana yakhe efuna ukuyoyifaka kwikhofonozana yentombazanyana. Lo ongazi lutho futhi ongakaze ayibne le mikhuba, umbone esekhungathekile nkosi yami. Ubone nje ukuthi uxakekile akazi ukuthi okuwumfanyana kwenzani.
Ngisuswa indaba yalo mfanyana oneminyaka eyisithupha ofake itotolozi yakhe emomozini yengane yakwabo eneminyaka ewu 3. Lo mfana ngoba usemncane nje uyibonephi yonke le nto? Waze kanjani ukuthi itotolozi ifakwa emomozini?
Namhlanje ngifisa ukukhuza abazali ukuthi bazijwayeze ukuthi bangenzi izinto zabantu abadala izingane zingakalali. Qinisekisani ukuthi izingane sezilele ngaphambi kokuthi niqale ukuzijabulisa. Uma kwenzeka, ingane ayibe negumbi layo lokulala ukuze ingayizwa yonke le nto enizobe niyenza. Sizokhumbula ukuthi kuqala izingane zazilala nogogo emakhaya manje ke nina seniphila isilungu. Ezinye njalo uthole ukuthi azibonanga mzali, kodwa iphutha elenziwa abazali ukunika ingane encane iselula bese bengayigadi ukuthi ibukani nokuthi iseshani ezinkundleni zokuxhumana. Uthole enye ukuthi ivule ama-video anemikhuba yagcina inentshisekelo yokubukisisa lo mhlola. Uma kungeyomfana, isingagcina isidlwengula ezinye ifuna ukwenza lokhu ekubona kuma-video bukhoma.
Nama-soapie lawa eniwabukayo, okuqatshulwanayo kuwona. Akumele lowo doti ubukwe yizingane. Ngigqugquzela abazali ukuthi baqikelele ukuthi uma umdlalo wethelevishini ubhaliwe ukuthi awungabukwa yizingane, ngempela awungabukwa. Laba abaqhamuka naleyo mithetho, abavukanga nje sebesho njalo kodwa bacwaninga babona ukuthi lokhu kunomthelela ongemuhle ezinganeni.
Nale nto yokuvumela izingane ukuba zibuke ama-video eTik Tok ayilungile. Ngiyazi abanye baye banganaki bathi izingane zibuka amahlaya. Kodwa ngeke wazi ngelinye ilanga uma sekuqhamuka awocansi.Abanye abanqeni ukuthi ingane isibheda wena mzali ulibale ukusineka uyishuthe bese uyofaka koTik Tok, wenze i-content ebolile ingane ibe iganga engabe uyifaka uswazi. Ingane eneminyaka ewu 6 isiwazelaphi umalalana? Asizihlonipheni singabazali sihloniphe nesithunzi sethu ngoba le nto esuke yenziwa ingane yakho abantu ababuki yona kodwa babuka wena njengomzali futhi babuka nekhaya ephuma kulona.
Ucansi nje alwenziwa emini kukhona izingane egcekeni ngoba lezi zingane zenu ziyacutha kanti nani niyaklewula uma nenza ucansi. Uma nizwa ukuthi nilangazelele ucansi emini, okungcono thumani izingane kude okanye nizivakashise.