Ukhalaezimathonsi uyise womfanyana (11) wase-Adams Mission, engeke silidalule igama lakhe nelikayise, othi indodana yakhe isezinhlungwini emva kokucwecwa wudokotela isikhumba somphambili kwasala ijwabu ekubeni ubethi uyayisoka.
Elandisa ngokubehlele uyise womfanyana, uthe waze ngesikhungo sokusoka i-Unjani Clinic ngokusibona kuTikTok, lapho besikhangisa khona ngokuthi sisoka izingane zabafana.
“Ngibone ukuthi lesi sikhungo esizimele ngesangala ngihlala ngakhona e-Adams Mission, ngase ngiyasethemba, ngayisa umfana wami kusona. Bengifuna ukuthi kusokwe indodana yami futhi bekungenye yezindlela zokuseseka ngoba esasendaweni, kanti ngizilandela izinkinga,” kusho uyise.
Uthe indodana yakhe isokwe kulesi sikhungo ngoMsombuluko, wangoJuni 17, wathi babone isibuyela kusona ngesonto eledlule, isiqaqwa amabhandishi ukuthi ayisokekanga nhlobo, kunalokho kucwecwe isikhumba phakathi nomphambili, ijwabu lisenjengoba belinjalo.
Leli phephandaba lisibonile isithombe esikhombisa ubuntu balo mfana ngendlela alinyazwe ngayo. Kucwecwe isikhumba kwajikelezwa umphambili wakhe ijwabu lisele liyazilengela.
“Ngithe uma ngibuza ukuthi kungani ingane yami ilimele kanjena, bacasha ngokuthi mhlawumbe yalala kabi ebusuku, yazicindezela, yazithunuka - besho into engekho ngoba kuyacaca ukuthi umsebenzi obekumele bawenze ubehlulile. Sizamile ukubonisana nabo ukuthi simisa kanjani ukulungisa le nkinga, kepha bangakhombisa nhlobo ukuzwelana nathi.”
“Sikhathazeke kakhulu ngalesi simo, size sabona kukuhle ukuhambisa ingane esibhedlela eKingsway izolo (esho ngoLwesine), okuyilapho ikhona namanje, ukubheka ukuthi ngeke yini ilapheke.
“Kuyasikhathaza ukuthi asazi umonakalo ongaphakathi ungakanani, futhi sesaba nokuthi kungenzeka ukuthi ubuntu bayo bungasebenzi ngendlela efanele uma isikhulile uma kuwukuthi ilimale kabi,” kusho kanje.
Kuthintwa uMnuz Nhlanhla Mbatha osebenza kulesi sikhungo, uthe bayalwazi lolu daba futhi bamchazela uyise womfana ukuthi basola ukuthi ingane yakhe yazilimaza ngokuzenwaya esilondeni singakapholi kahle. Uthe kungenzeka ukuthi yikhona okudale ukuthi ingasokeki ngendlela efanele, futhi ilimale ngale ndlela.
“Simcelile nokuthi alethe umntwana wakhe kithina izolo (esho ngoLwesine), kepha wala waphetha, wasitshela ukuthi lolu daba uzolwengamela ngendlela yakhe, njengoba sekwenzeka manje sithintwa ngabezindaba. Simtshelile futhi ukuthi uma ebona ukuthi kukhona esingakwenzanga kahle akasivulele icala ukuze udaba lusingathwe ngokomthetho,” kulanda uMbatha.
Uqhube wathi bona sebeneminyaka engaphezu kwemihlanu benza lo msebenzi bezimele, futhi kuyaqala ukuthi kube nesimo esinjena.
“Nawe bhuti wami ungazifikela esikhungweni sethu uzibonele umsebenzi wethu ukuthi siwenza kanjani,” esho entathelini.
Kuthintwa okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni, uMnuz Agiza Hlongwane, ucele ukuthi banikwe ithuba lokulandela lolu daba ukuze bathole ukuthi konakale kuphi.