I-MK izosebenzisa umgubho wayo wokuhlanganisa unyaka, ozokuba eThekwini, ukugovuza abantu baKwaZulu-Natal ukuba bakhiphe uhulumeni wokubambisana ophethe isifundazwe.
Le nhlangano ithe izogqugquzela izinkumbi zabantu, okulindeleke ukuthi zihambele umcimbi wayo ozokuba enkundleni iMoses Mabhida, ukuba zibe yingxenye yomkhankaso wokuketula uhulumeni oholwa yi-IFP.
Umcimbi wokugubha unyaka kwasungulwa iMK uzokuba ngoDisemba 15.
IMK iyona eyathola izihlalo eziningi esiShayamthetho saKwaZulu-Natal kepha yasala ngaphandle ngesikhathi kwakhiwa uhulumeni wesifundazwe okubambisene kuwo i-IFP, ANC, DA neNFP.
Oyinhloko ehhovisi likamengameli weMK, uMnuz Magasela Mzobe, uthe bewubuholi abakwazi ukusonga izandla ekubeni intando yabantu abaningi baKwaZulu-Natal abavota ingafezekile.
“Iqiniso ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bazikhethela ukuthi bafuna ukuphathwa yiliphi iqembu. Imiphumela yokhetho ikuveza ngokusobala ukuthi yiliphi leli qembu. Ngakho-ke lona kuzokube kungesiwona nje umgubho ojwayelekile.
“Lapha sizogovuza abantu ukuthi balwele amavoti abo. Sifuna ukuthi balwele ukuthi iqembu okuyilona elathola amavoti amaningi okhethweni, kube yilona eliphathayo.”
UMzobe uthe bafuna ukuthi uhulumeni ophethe ukhishwe singakashayi isikhathi sokuphasisa isabelomali sangonyaka ozayo.
“Lento abayenzayo yokuntshontsha imali kuhulumeni waKwaZulu-Natal iyagcina ukwenzeka ngalesi sabelomali esikhona njengamanje. Kulesi sabelomali esizoqala ukusebenza ngo-Ephreli kuzokube sekuphethe iMK lapha KwaZulu-Natal.”
Ebuzwa ukuthi yimaphi amaqembu abazobambisana nawo ukuphatha uhulumeni wesifundazwe njengoba bengenazo izihlalo ezanele ukuthi babuse ngokuzimela, uMzobe uthe i-ANC neNFP izobalekelela.
I-ANC isanda kusho ukuthi azikho izingxoxo enazo neMK ngodaba lokuphathwa kohulumeni waKwaZulu-Natal.
UNobhala jikelele weMK, uMnuz Floyd Shivambu, uthe bakhethe ukuletha umgubho eThekwini, ngenxa yokuthi bathola amavoti amaningi khona kanye nakwabanye omasipala baKwaZulu-Natal, ngesikhathi kunokhetho lwangoMeyi.
UShivambu uthe iMK iyona eyazihola phambili ngokwamavoti komasipala abaningi baKwaZulu-Natal.
“Lapha eThekwini sathola amavoti angaphezu kuka-600 000. Abasilandelayo bathola amavoti angaphezu kuka-200 000. Igebe likhulu kakhulu.”
UShivambu uthe bazokuba neminye imicimbi yokugubha unyaka kusukela kwasungulwa iMK.
Ukusungulwa kweMK kwamenyezelwa ngokusemthethweni umholi wenhlangano uMnuz Jacob Zuma, ngoDisemba 16 nyakenye.
UShivambu uthe ngoDisemba 16 kuzokuba nesidlo sakusihlwa e-Olive Convention Centre, lapho uZuma ezokwethula inkulumo.
Kuzophinde kube nemihlangano yemiphakathi eGauteng, naseMpumalanga ezokwenzeka ngaphambi komcimbi omkhulu.