USEQALILE ukwethula ubufakazi bakhe ufakazi wesibili ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa.
USergeant Mlungisi Mthethwa osebenza esiteshini samaphoyisa eVosloorus, kuthiwa uneminyaka engu-13 esebenza eyiphoyisa.
Lo fakazi ungomunye wamaphoyisa okuqala afika endaweni yesigameko.
Ngokusho kwakhe, wathola ucingo esiteshini ngezithuba zabo-9 ebusuku kubikwa ngesigameko sokudutshulwa komuntu.
Uthi yena nozakwabo amchaze njengoSergeant Mathebula, bahamba ngemoto yoMbuso baya endaweni yesehlo lapho bathola khona owesilisa ogamalakhe nguThemba Khumalo, owazichaza njengomfowabo womnikazi womuzi (unina kaKelly Khumalo).
Uthi bangena isikhashana endlini ngoba kwakungenamuntu futhi nomlisa abamthola wayengazi lutho ngokwenzekile.
“Savulelwa wuyena lo mlisa endlini, sajika egunjini lokuphumula anduba siphume silubangise esibhedlela lapho kwathiwa olimele uphuthunyiswe khona. Engakuqaphela singena ngamakani amabili kabhiya,” kusho uMthethwa.
Uthi esibhedlela baphambana nemoto yohlobo lweBMW, owayehleli eceleni komshayeli wabatshela ukuthi odutshuliwe nguSenzo Meyiwa useshonile.
“Wathi singangena esibhedlela bakhona esizobathola,” kuqhubeka yena.
Uthi bafike bakhuluma nonesi owabafaka egunjini elincanyana lapho babona khona isidumbu sikamufi.
“Oshonile ngumuntu engimaziyo ngokumbona kwithelevishini. Ubenenxeba lokudutshulwa phakathi kwesifuba.”
Lo fakazi usazoqhubeka atshele inkantolo ukuthi kwenzekani sebesuka esibhedlela nowesifazane owazichaza ngokuthi unguMaKhumalo sebebuyela endlini lapho kwenzeka khona isigameko.