UYAQHUBEKA nokwethula ubufakazi uMnuz Tumelo Madlala, ongomunye wababesendlini ngesikhathi kubulawa uSenzo Meyiwa.
Ebuzwa ngokuthi ngubani omenze wazizwa engakhululekile njengoba esenkantolo. UMadlala uthe okumele kwaziwe wukuthi akanendaba nabantu, akanendaba nomndeni kaMeyiwa kodwa unendaba noSenzo.
“Umuntu owake wambona phambilini ngeke uhluleke ukumbona uma eseqhamuka. Ngeke ngisuke ngiqambele umuntu amanga ecaleni elinjena naye loyo muntu uyazi,” kusho uMadlala.
Uthi uyathuka ukuthi kuchithwa isikhathi esiningi kangaka nokuyinto ebeka impilo yabo engcupheni. UMadlala unxusiwe ukuthi akayeke ukugudla iguma ahlale odabeni.
Ukhombe owesilisa ofake isikibha esiluhlaza njengomunye wabantu abebekhona endaweni yesigameko. UMadlala uqinisekise ukuthi umsolwa wesibili kubasolwa abahleli ebhentshini, khona enkantolo.
Okhonjiwe umsolwa wesibili, uBongani Ntanzi ongowakwaNongoma. UNtanzi kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili ngesonto elizayo.