IPHOYISA ladubula amahlandla amaningi kwaze kwajama isibhamu libhekise kowesilisa owekade encike ngendololwane emotweni yalo imizuzwana emithathu eMolweni, eThekwini.
Ummangalelwa uSergeant Sibonelo Shabangu kuthiwa waqeda wabaleka walahla phansi isibhamu ayekade edubula ngaso esasala sibangwa abantu.
Lobu ubufakazi obethulelwe iNkantolo yeMantshi yasePinetown, izolo, ngumngani kamufi futhi ongumshayeli wetekisi, uMnuz Ayanda Ngcobo.
UShabangu, ongaphandle ngebheyili kaR5 000, usolwa ngokudubula amahlandla amane uyise wezingane ezinhlanu, uMnuz Qaphela Mdima.
UMdima washona esanda kungeniswa emtholampilo waKwaDabeka.
Isigameko senzeka ebusuku ngoNovemba 25, 2022, lapho kupakwa khona izimoto endaweni yobumnandi eCasa Blanca Lifestyle eMolweni, eThekwini.
UNgcobo utshele inkantolo ukuthi uShabangu ulandise wathi bafika behamba bengabangani beyisithupha eCasa Blanca ngo-11 ebusuku bahlala endaweni yezicukuthwane.
Kwakunguye (uNgcobo), umufi nowesilisa athe uNjabulo, abaphuma ngaphandle kwendawo yobumnandi.
“UMandla (indoda eyazana nomufi abayifica eCasa) wagaxa umufi wathi abaphumele phandle baye kumuntu ababekweleta naye uMdima uR200. Singakafiki kulowo muntu, UShabangu wayalela uMandla ukuthi angasondeli eduze wemoto yakhe nomufi, “ kusho UNgcobo.
Uqhube wathi umufi owayengahlomile futhi eneme, waphendula uShabangu wathi: “Awu mfethu, ngoba ngithi sesayilungisa nje leya nto, yinindaba singavele sithenge i-drink, sidlule kule nto.”
Kuthiwa uShabangu wavele wahosha isibhamu emotweni yekhe wavulela ngenhlamvu ebhekise kuMdima wawa phansi.
Kuthiwa wadutshulwa ngisho esephakamise izandla zombili samuntu ocela uxolo kodwa uShabangu wadubula saze sajama isibhamu.
UNgcobo uthe wabaleka nayekade ehamba nabo uShabangu, watshinga phansi isibhamu.
Bekuqale kwethulwa ubufakazi uDkt Njabulo Ndlovu owahlola isidumbu sikaMdima. Uthe umufi wayenamanxeba amane okudutshulwa elalisesifubeni, amabili emhlane nasesihluzwini.
UNgcobo uzoqhubeka nokwethula ubufakazi ngo-Ephreli 25. Uzobe ehlonywa imibuzo ummeli kaShabangu, uMnuz Andile Dakela.