UMTHOKOZISI Thwala, owayengumngani kaSenzo Meyiwa, uyichithe njengenganekwane indaba yokuthi umufi wayehlela ukulobola intombi yakhe, uKelly Khumalo.
UMeyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates, neBafana Bafana wadutshulwa, wabulawa ngo-2014, ekubo kwentombi yakhe anengane naye uKelly, eVosloorus.
UThwala owayengumngani omkhulu kaMeyiwa, ubeqedela ubufakazi bakhe eNkantolo eNkulu eTshwane, lapho kuqulwa khona icala. Bahlanu abamangalelwa abathweswe icala lokubulawa kukaMeyiwa futhi bayawaphika bonke amacala.
Abamangalelwa owokuqala nguMnuz Muzikawukhulekwa Sibiya, owesibili nguMnuz Bongani Ntanzi, owesithathu nguMnuz Mthobisi Mncube, owesine nguMnuz Mthokozisi Maphisa noMnuz Sifiso Ntuli owesihlanu.
UThwala ungomunye wofakazi ababesendlini ngesikhathi kubulawa uMeyiwa. Ubethule ubufakazi eholwa nguMshushisi u-Advocate George Baloyi, kwase kuvulwa ithuba lokuthi abameli bamphose imibuzo. Indaba yamalobolo ivele ngesikhathi esephekwa ngummeli u-Advocate Zandile Mshololo, omele ummangalelwa wesihlanu.
Ummeli uMshololo ubuze uThwala ukuthi kukhona yini akwaziyo mayelana nokuthi uMeyiwa wayehlela ukulobola uKelly futhi wayesemhlonzile nomkhongi.
“UZandi Khumalo uke waveza ukuthi uTumelo Madlala wayevakashele umufi ukuze baxoxe ngendaba yamalobolo, kukhona yini okwaziyo ngalolu daba?’’ kubuza uMshololo.
UThwala uthe akaboni ukuthi kuyiqiniso okuthi uMeyiwa wayehlela ukulobola uKelly.
“Hhayi bo. Ayikho leyo, ayikho nje (ehleka kancane). Engingakusho wukuthi babethandana kodwa lokhu kwamalobolo angiboni ukuthi yinto ekhona ngoba uSenzo wayengeke alobole engacelanga kuMandisa ukuthatha unkosikazi wesibili,’’ kuphendula uThwala.
Ngesikhathi ummeli uMshololo, eqhubeka nokuphosa imibuzo, kuke kwabangwa indaba yezinga lemfundo likafakazi uThwala. Ummeli ebuza ukuthi uThwala ufunde wagcinaphi kodwa uMshushisi uBaloyi wasukuma, wawuvimba umbuzo. IJaji langenelela lathi uThwala akazile njengofakazi ongungoti othile, lawuchitha umbuzo wommeli.
Abameli noMbuso bavumelane ngokuthi icala alisheshe liguqe kunesikhathi esejwayelekile, bese libuyela ngoMsombuluko lapho kuzongena khona ufakazi omusha.