UMNGANI omkhulu kalowo owayengunozinti weBafana Bafana neOrlando Pirates ongasekho, uSenzo Meyiwa, izolo, uveze ukuthi unina wengane kaMeyiwa ongumculi, uKelly Khumalo wathola isimemo sokuya eholidini kuMnuz Chicco Twala.
UTumelo Madlala ngesikhathi ephekwa ngemibuzo u-Advocate Zandile Mshololo ongummeli kammangalelwa wesihlanu uMnuz Sfisokuhle Ntuli, uveze ukuthi noma engasakhumbuli kahle ukuthi lokhu kwenzeka ngaluphi usuku kodwa uhlawumbisele phakathi koMsombuluko noma uLwesibili emva kokudutshulwa kukaSenzo ngeSonto, lango-Okthoba 26, 2014.
UAdv Mshololo ebuzisisa, uthe ngesikhathi uKelly ebuzwa ngendaba yokuya eholidini, ingabe kwakungemumva kokuthi ababesendlini benze izitatimende, uMnuz Madlala uthe akasakhumbuli.
Uthe akhumbula kahle ukuthi kwakungesikhathi sokuqhubeka kophenyo, lungakapheli.
Okugqamile selokhu liqalile ukuqhulwa icala ukuthi ubufakazi bofakazi ababesendlini, okubalwa uZandie Khumalo, abangani baMeyiwa Mthokozisi Thwala no Tumelo Madlala, nalokho okuqhukethwe esitatimendeni esenziwa unina wengane kaMeyiwa, uNksz Kelly Khumalo, kuyashayisana, yize bonke laba babekhona endlini ngelanga abathi bahlaselwa khona abasolwa ababili, oyedwa wabo owayephethe isibhamu.
UAdv Mshololo ubuze uMadlala ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi uLongwe Twala asukume aphushe umuntu ophethe isibhamu yena engaphethe lutho, futhi kwenzeke kanjani ukuthi abantu ababesendlini basukume balwe nomuntu ophethe isibhamu bona bengaphethe lutho?
UMadlala uphendule ngokuthi: “Nami ngisazibuza lokho ukuthi kwenzeka kanjani. Kuhle ngoba usaphila, uzozizela la azochaza ukuthi wakwenza kanjani. Uma ubuza mina ukuthi wakwenza kanjani, nami angazi njengawe.”
Ubuzwe nguAdv Zakhele Nxumalo ongummeli kammangalelwa wesine, uMnuz Mthokoziseni Maphisa ngokuqhukethwe esitatimendeni esenziwa uNksz Khumalo emaphoyiseni, lapho athi wabona ichashazi legazi ngemumva kuSenzo, wamphendula wase ebona igazi eliningi esifubeni. Uqhube wathi uSenzo wabe esewela kusofa, wambamba ngesikhathi ekhala ecela usizo. Isitatimende siqhubeka sithi uThwala wasukuma walwa nomsolwa.
UNxumalo uveze ukuthi lesi sitatimende siyashayisana nobufakazi bukaMadlala.
“Angimazi ukuthi ubekhuluma ngani kuleso sitatimende. Kufanele eze la loyo azochaza ngoba ngisho negazi akhuluma ngalo angilibonanga mina, ngabona nje amachashazi egazi. Empeleni sibeke eceleni leso sitatimende ubize yena azozichazela yena ngokwakhe lowo mbhedo,” kusho uMadlala.
Uthe yena akazange ambone uThwala elwa nomsolwa, wathi futhi akayena nomuntu othanda ukulwa.
Ngezikhathi zantambama sebesonge ukuphosa ngemibuzo abameli, uJaji Ratha Ratha Mokgoatlheng udwebe isithombe sokuthi awawenzisisanga kahle umsebenzi wawo amaphoyisa asebenza indawo yesigameko.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi uMadlala ebuzisiswa uRatha Mokgoatlheng umbuzo obubuzwe uMshololo ngaphambilini.
UMshololo ubebuze uMadlala ukuthi ngabe kukhona yini ukuhlolwa okwenziwa kubona ngamaphoyisa okuqondene nokuqhuma kwesibhamu ngoba kuyaye kube nempushana ephumayo uma kuqhuma isibhamu?
UMadlala ngaleso sikhathi uphendule ngempendulo engagculisi, nathe kuyo kuningi okwenziwa amaphoyisa kubona, wenza isibonelo sokuthi baze bathathwa ngisho namasampula amathe.
UMokgoatlheng ebuzisisa uthe: “Kukhona uketshezi amaphoyisa alugcoba ezandleni zakho?”
UMadlala uthe: “Angikhumbuli.”
UMokgoatlheng waqhuba wathi: “Azithatha ke kodwa zona izingubo zenu?”
UMadlala wathi azithathwanga.
UMokgoatlheng ube esethi: “Ayi bandla eNingizimu Afrika! Amaphoyisa akhona! Kwakufanele zithathwe zonke izingubo zabantu ababesendlini, ziyokwenziwa lokhu kuhlolwa kwempushana ephuma esibhamini, (gunshot residue) ngoba ukuqhuma kwesibhamu, kwenzeka endaweni evalelekile.”
Icala liyaqhubeka namuhla.