BANENGEKILE abamangalelwa kwelokubulawa kwaloyo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa, ngemuva kokuthukwa obethula ubufakazi enkantolo izolo.
Kuvele ukuthi uMnuz Tumelo Madlala, owayengumngani kaMeyiwa, ubize abamangalelwa ngezinja nokuyinto engehlanga kahle kubo.
Lokhu kuvezwe u-Advocate Charles Mnisi ongummeli kaMncube, ongummangalelwa wesithathu ngesikhathi kubuywa ekhefini letiye izolo.
UMadlala, owayengumngani kaMeyiwa waseMlaza, owayekhona ngesikhathi kubulawa lo mdlali, kuthiwa la magama alumelayo uwasho ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi sekhefu.
UMnisi uveze ukuthi ngesikhathi ufakazi ephuma enkantolo kuyiwa etiyeni, uthe "aziboshwe lezi zinja" esho ekhomba abamangalelwa. Uthe okushiwo uMadlala kubacasulile abamangalelwa.
Ijaji lingenele ngokuthi limkhuze uMadlala, lathi akabe nendlela efanele yokuziphatha enkantolo noma ngabe uzizwa ngayiphi indlela.
UMeyiwa, owadutshulwa ngo-Okthoba 26, 2014 ekubo kanina wengane yakhe ongumculi uKelly Khumalo, kuthiwa waphuthunyiswa esibhedlela lapho afika khona wahlonzwa njengoseshonile.
Ngokusho kwababesendlini, kwangena abasolwa ababili, ababezogebenga, babulala uSenzo ngokumdubula ngaphambi kokuba bashaye bachithe.
Ngesikhathi eqhubeka nokwethula ubufakazi bakhe, uMadlala uveze ukuthi kukhona iphoyisa lesifazane athe akasalikhumbuli ngegama elalibonisa ukuthi lifuna ashintshe izitatimende zakhe azenze phambilini.
“Nezitatimende wawubona ukuthi wayefuna ngizishintshe ngithi akungenanga muntu. Le nto iyangixaka ngoba laphaya ngangazi uSenzo noMthoko, akekho omunye umuntu engangimazi laphaya, ngangizobavikelelani abantu engingabazi,” kubuza uMadlala.
Uqhube wathi yena wayeqala nokuya kuloya muzi, engazi muntu khona.
“Angikaze ngishintshe isitatimende sami, angisoze, ngiyoze ngife, angisoze ngasishintsha. Angisiboni isidingo sokuthi ngisishintshe. Abantu bangena endlini, ngeke ngisishintshe lesi sitatimende,” kugcizelela uMadlala.
Uphinde waqinisekisa ukuthi ummangalelwa wesibili uMnuz Bongani Ntanzi ake wamkhomba enkantolo phambilini, uyena ambona ngosuku lwesigameko, njengoba esephinda embona futhi enkantolo.
Wendlalele ngokuthi njengoba agcina esemkhomba enkantolo yingoba wayebona ukuthi nguye. Uthe ngesikhathi bebizwa bonke ukuthi bayohlonza abasolwa kwabayishumi ababelethwe phambi kwabo, akakhombanga muntu ngoba ngokwakhe wayengekho umsolwa owangena endlini kulaba abayishumi abakhonjiswa bona.