UFAKAZI wokuqala ecaleni lokubulawa kowayengunobhala jikelele we-ANC Youth League (ANCYL), uMnuz Sindiso Magaqa, uNksz Jabulile Msiya, uchazele inkantolo ngenkohlakalo okukholakala ukuthi uMagaqa wabulawelwa ukukhuluma ngayo.
UNksz Msiya, owayenoMagaqa noNksz Nontsikelelo Mafa ngesikhathi behlaselwa, uchaze ngezinsolo zenkohlakalo ekwakhiweni kabusha kwehholo eliyisikhumbuzo kuMasipala waseMzimkhulu.
Ukwakhiwa kabusha kwehholo kwaqala ngo-2015 kanti uNksz Msiya wayeyikhansela lewadi okukhona kulo ihholo.
UMagaqa ungomunye wabantu ababephambili ekukhonondeni ngenkohlakalo kulolu hlelo lokwakhiwa kabusha kwehholo.
“Bengihlezi ngikhalaza ngokungabizwa emihlanganweni yanyanga zonke lapho khona bekukhulunywa ngokwakhiwa kwehholo. Ngangize ngizifikele mina ngizobona ukuthi ikhona yini inqubekela phambili.”
UNks Msiya uthe emva kokhetho lohulumeni basekhaya wabe esekhethelwa esigungwini esiphezulu emkhandlwini.
“Kulapho-ke engiqale khona ukucubungula imibiko emayelana nokwakhiwa kwehholo eyayilethwa emihlanganweni yesigungu esiphezulu. Kulapho engaqala ukubona izinto ezisolisayo. Kulapho futhi esiqale khona ukukhuluma ngale nkohlakalo. Sanxenxa ukuthi kube nophenyo.”
UNksz Msiya uthe ngesikhathi bebika ngenkohlakalo emkhandlwini, izikhalazo zabo azizange zisukunyelwe.
“Imenenja kamasipala yathi yona angeke izwe ngomfana, isho uMagaqa,”
UNksz Msiya uthe baze babhalela noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal bewucela ukuba uphenye lezi zinsolo.
UNksz Msiya, Magaqa noNksz Mafa bahlaselwa behlezi emotweni ngoJulayi 2017.
UMagaqa washona ngoSeptemba 2017 kulandela ukuhlala isikhathi eside esibhedlela.
Amadoda amane aboshelwe leli cala, oMnuz Sbonelo Myeza, Mbulelo Mpofana, Mlungisi Ncalane noSibusiso Ncengwa, bawaphikile wonke amacala abathweswe wona.
Laba basolwa babhekene namacala ayisishagalombili okukhona kuwo elokubulala, awokuzama ukubulala, ukwakha itulo lokubulala, ukucekelwa phansi kwempahla nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu.
UMbuso uveze ukuthi sekushone ofakazi abayisihlanu njengoba leli cala kuthathe isikhathi eside ukuthi liqale ukuqulwa.
Ukuqulwa kwecala bekuhlelwe ukuthi kuqale ngoMsombuluko kepha lokhu akwangenzeka ngenxa yokuthi uNcalane, ongaphandle ngebheyili kuleli cala, akazange afike.
UNcalane akazange avele enkantolo ngenxa yokuthi ubevele eNkantolo yeMantshi KwaMaphumulo lapho abebhekene khona nelinye icala.