INJABULO emphakathini waseWalkerville eningizimu nedolobha iGoli kubulawa ingwe ebiyeqe epulazini ngempelasonto.
Le ngwe yensikazi egamalayo nguSheba besekuphele izinsuku ezimbalwa amaphoyisa nabezemvelo bephume umkhankaso wokuyithungatha.
Kuthiwa ngeSonto ihlasele owesilisa nenja khona kule ndawo.
“USheba ubelandelwa. Namuhla ubonakale kwelinye lamapulazi asendaweni lapho afike wahlasela khona inja yakulelo pulazi ngabo-2 ezintatha zanamuhla,” kusho uGresham Mandy oyingxenye yamalungu omphakathi aqaphe ubugebengu kule ndawo.
UMandy uthi yize umphakathi usozokhululeka, uzizwe uphephile, kubuhlungu ukuthi impilo yale ngwe iphele kanje.
Kubulawa uSheba nje, enye ingwe abefuywe nayo ijovwe ngomjovo olalisayo yasuswa lapho abigcinwe khona yayo bekwa endaweni ephephile.