UTHUKA izanya umndeni wowesilisa waseMariannhill, eThekwini oshone ngemumva kokudutshulwa ephethe indodakazi yakhe enonyaka.
UMnuz Sbusiso Mdadane (40) waseMpola ubewungoti kagesi emahhovisi aseNew Germany. Kusize ukuthi ayiphonse phansi indodakazi yakhe enonyaka nezinyanga ezintathu ukuze ingadubuleki ngesikhathi yena edutshulwa emi nonina wayo.
Ilungu lomndeni liveze ukuthi uMdadane udutshulwa nje, ubesanda kululama kade eshaywe ngebhodlela ekhanda endaweni yobumnandi eyaziwa ngokuthi iKamazithanqaze. Lokhu kubikwa ukuthi kwenzeke emasontweni amabili edlule. Amalungu omndeni kaMdadane abelokhu ethola izingcingo ebezilokhu zimsabisa, ziqhamuka ezinombolweni ezingaziwa.
Umndeni uthi usola ukuthi ukuhlaselwa kukamufi kuhambisana nezinsongo abelokhu ezithola.
"Unina wengane yakhe usathuke kakhulu ngoba nangelanga lesigameko akazange akwazi ukulala. Lo muntu kuthiwa uqhamuke ezixhugisa wase embuza igama lakhe sakuliqinisekisa maqede wamdubula. Odokotela esibhedlela bazamile ukumhlenga kodwa bathi ubedubuleke kabi wamelwa nayinhliziyo," kusho leli lungu lomndeni likhathazekile.
Umndeni kaMdadane usuhlalele ovalweni ngoba abawazi umsuka wento eholele ekutheni kuze kubulawe omunye wabo. Ukusinda kwengane bakuthatha njengenhlanhla ngoba beyingadubuleka nayo kulesi sigameko.
"Ukuyiphonsa kwakhe ingane ubebona ukuthi udushulwa kaningi futhi nayo ingase ilimale. Ubeyithanda kakhulu ingane yakhe, besondelene nayo nokusizwisa ubuhlungu," kusho leli lungu lomndeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenantColonel Nqobile Gwala uthe kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMariannhill.
“Kusolwa ukuthi owesilisa udutshulwe ngumuntu ongaziwa, uphuthunyiswe esibhedlela kodwa wagcina ngokushona. Amaphoyisa aseMariannhill ayaphenya,” kusho uLt-Col Gwala.