KUSOLWA ukuziphindisela kudutshulwa owesifazane obelele nosana eMalukazi washona, ngoLwesihlanu entathakusa.
UNksz Ncamisile Mkhize (40) kuthiwa ubelele nosana lwakhe olunezinyanga eziyithupha ngesikhathi kungena amadoda amabili endlini, eyodwa yabanga isibhamu nomyeni wakhe, enye yaqonda akamelweni lokulala yamdubula elele, kwadubuleka nosana abelele nalo.
Kuthiwa eminyakeni emithathu edlule uNksz Mkhize wabopha owesilisa okhulile owayethi uthandana nendodakazi yakhe eyayineminyaka ewu-14 ngaleso sikhathi. Owesilisa waboshelwa icala lokudlwengula ngoba indodakazi yakhe yayisengaphansi ngokweminyaka. Kuthiwa waphuma ejele, kungakapheli sikhathi esingakanani sekudutshulwa unina wentombazane owavula icala.
Umyeni kaNksz Mkhize, uMnuz Nanana Dlamini, uthe uzwe umsindo obekungathi kukhona ongena emjondolo ongaphandle, wavuka ethi uyobheka.
Kuthe esathi uyovula ngasekhishini, engakavuli abebengaphandle bakhahlela isicabha, savuleka bahlangana khona ekhishini. Kwangena amadoda amabili, egqoke izigqoko ezivale ubuso. Engene kuqala uzame ukulwa nayo kodwa kwaba nzima ngoba ibiphethe isibhamu. Eyesibili ingene yaqonda ekamelweni labo lokulala yafike yadubula umkakhe nengane abelele nayo embhedeni.
"Sisale ekhishini nalesi sigebengu esingene kuqala. Ngizwe kuqhuma isibhamu. Umkami udutshulwe elele, ingane nayo idubulekile kodwa yona isindile. Iyiswe esibhedlela yabhandishwa yabuya," kuchaza yena
Uthe umsolwa obedubula uzishaye ngempama izingane ebese zivuswe umsindo wesibhamu, zizama ukubaleka, wazibuza ukuthi siphi isibhamu sikanina.
"Umkami ubengenaso isibhamu futhi akakaze abe naso. Izigebengu zithathe amaselula abo nesikhwama semali obekuseduze kombhede," kusho yena.
Uqhube wathi umkakhe ubengakaze abike ukuthi kukhona umuntu axabene naye.
"Ngisadidekile nje ukuthi ngizothi udutshulelwani ngoba akujwayelekile ukuthi izigebengu zisike ama-buglar guards ngoba zifuna amaselula," kusho yena.
Ebuzwa ngezinsolo zokuziphindisela, uthe akanalo ulwazi lwalokho, obesho njalo kungenzeka ukuthi unolwazi umndeni ongenalo kodwa ukhona umuntu owaboshelwa ukudlwengula indodakazi yabo.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uLt Col Nqobile, usiqinisekisile isigameko, wathi amaphoyisa aphenya amacala amathathu, elokugqekeza, elokubulala nelokuzama ukubulala.