NKOSIKHONA CELE
UBONGA uNkulunkulu ngokuhlanganisa iminyaka engu-15 ehola ibandla uMphostoli Njabulo Zulu weHouse of Glory Family Church.
Ibandla elasungulwa ngo-2009, nonyaka libungaza ukuhlangana kweminyaka engu-15 labunjwa. Linesizinda eMthonjaneni, eMelmoth.
Lizokuba nendumezulu yenkonzo yokubungaza iminyaka ngo-Okthoba 24 kuya ku-25 esakhiweni salo.
Lokhu kuyisibusiso esikhulu ngokusho kukaMphostoli Zulu. Uthi zibe khona izinselelo nezingqinamba abadlule kuzona kuyona yonke le minyaka kodwa ngenhlanhla enkulu, uNkulunkulu ume nabo bakwazi ukubhekana nezimo ezahlukene.
Uthi kuningi abakufundile kuyona eminyakeni edlule njengebandla beqhuba umsebenzi kaNkulunkulu.
Umfundisi ubonga bonke abazalwane ababekhona ngesikhathi lisungulwa nabasekhona namanje.
Nalabo asebalishiya nabo uthe baklama indima enkulu ekuqinisekiseni ukuthi liyadlondlobala futhi liba nenqubekela phambili. Ukubambisana uthe yikhona okube umgogodla wokuphumelela kwalo.
"Siyambonga kakhulu uNkulunkulu ngokusigcina kuze kube lapha. Sesihambe ibanga elide kakhulu manje,'' usho kanje uMfundisi Zulu.
Uveze ukuthi bakhona abazalwane abase bephenduke umgogodla webandla abalishiya kodwa uNkulunkulu waqhubeka nokuma nabo.
Uthe kodwa ibandla livele ladlondlobala kakhulu kunakuqala. "Ngalokhu ngicabanga ukuthi uNkulunkulu ubefuna ukusikhombisa ukuthi ibandla lingelakhe,'' usho kanje.
Uveze ukuthi ibandla likholelwa kakhulu emkhulekweni nasekukhuthazeni imfundo ebantwini abasha. Wathi bayakholelwa kakhulu nasekubunjweni kwemindeni. UZulu ukholwa ukuthi ibandla elinabantu abasha abathanda imfundo nalo liba nekusasa eliqhakazile.
Ibandla linamagatsha ehlukene okubalwa elise-Alice, e-Eastern Cape, eliseMpangeni, eNkandla, eRicharsd Bay, naseThekwini.
Laziwa kakhulu nangokunikezela ngosizo olwahlukene emphakathini elikuwona.
Leli bandla ulihola ngokubambisana nomkakhe naye ongumfundisi uMfu Portia Zulu.