IGAMA lakhe nguSphelele Mzimela, wazakhela igama elingisa indawo kaKentucky emdlalweni obukhonjiswa kuMzansi Magic, Isibaya. Uphinde wagqama ngenkathi elingisa indawo kaMazaza emdlalweni owuchungechunge Uzalo, okhonjiswa kwiSABC 1. Ngokuzalwa ungowaseMpangeni, enyakatho yeKwaZulu Natal. UNKOSIKHONA CELE uxoxisane naye kabanzi ngezenkolo.
NC: Ngabe likhona ibandla okhonza kulona.
SM: Ngiyilungu lokuqina lebandla iGrace Bible Church International, yaseGoli. Kuningi kakhulu okuhle engikuthandayo ngebandla.
NC: Ngabe sikhona isimo esinzima osuke wabhekana naso empilweni yakho obonga uNkulunkulu ngokukulonda ngesikhathi ubhekene naso? Uma sikhona yisiphi futhi kwakwenze njani?
SM: Bekungelula nhlobo ngesikhathi ngikhulelwe amawele ami. Ngike ngazithola ngidlula ezimweni ezinzima. Ngiyambonga kakhulu uNkulunkulu ngokungihlenga. Ngiyambonga nangesipho samawele.
NC: Ngabe yiziphi izinto ezimbili ezidala ukuthi umbonge uNkulunkulu?
SM: Okokuqala, ngithanda ukumbonga kakhulu uNkulunkulu ngesipho sempilo angibusise ngaso. Okwesibili, ngimbonga kakhulu uNkulunkulu ngekhono lami lokulingisa.
NC: Eminyakeni emihlanu ezayo kumbe eyishumi ngabe yini eyodwa okhulekela ukuthi uNkulunkulu akubusise ngayo? Leyo nto isho ukuthini empilweni yakho?
SM: Ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu angibusise ngidlondlobale kakhulu kwithalente lami lokulingisa.
NC: Ngabe likhona ivesi elisebhayibhelini okholelwa kulona, uma likhona yiliphi futhi lisho ukuthini?
SM: Mina ngizifela kakhulu ngencwadi etholakala kuNumeri 23 vs 19 ekhuluma ngokuthi uNkulunkulu akusiyena umuntu ukuthi angaqamba amanga. Uma ngiyifundile ngiyavuseleleka ngaso sonke isikhathi.
NC: Ngabe ungumuntu okholelwa kangakanani emandleni omkhuleko futhi usho ukuthini kuwena?
SM: Umkhuleko uyikho konke akukho nokukodwa engiye ngiqale ukukwenza ngingazange ngiqale ngomthandazo. Eqinisweni nje, umthandazo yiwona onginikeza amandla ngaso sonke isikhathi.