UVELE waduba utolika wathi usesizwa kahle isiNgisi owesilisa ngemuva kokulahlwa ngecala lokubulala umngani wakhe owayeyisishoshovu esasilwa nohulumeni wobandlululo, eChesterville, ngo-1989.
UGugulethu Wesley “Matiri” Madonsela ulahlwe ngecala lokubulala ibhungu elinguSiphelele Nxumalo elalineminyaka engu-17 ngaleso sikhathi.
Selokhu liqalile icala uMadonsela wacela ukuba atolikelwe ngesiZulu konke okwenzeka kuleli cala kodwa emuva kokuba elahlwe yicala uvele wathi asisekho isidingo sikatolika useyasizwa isiNgisi. Kwale ngisho abophiko lwezokushushisa (NPA) bethi benzela izihlobo zikamufi ukuthi zizwe nazo ukuthi kuthiwani.
Kuphakame ummeli kaMadonsela, uMnuz Bongani Cele, wathi icala limayelana nale ndoda ngakho uma ithi ayimdingi utolika makube njalo.
IMantshi uBK Khumalo yeNkantolo yesiFunda eThekwini, izolo, imphuce nelungelo lebheyili, uMadonsela yathi akayogcinwa ezitokisini.
Kulindeleke ukuthi uKhumalo namhlanje akhiphe isigwebo. Icala lenzeka ngobusuku bangoFebhuwari 2, 1989.
Enkantolo kuvele nokuthi uMadonsela ngaphambilini useke walahlwa ngamacala okuntshontsha amabili wathola izigwebo.
NgoJulayi, 1985, wathola isigwebo sokushaywa imivimbo emithathu. Kwathi ngoMeyi 7, 1993, wathola isigwebo seminyaka eyisithupha ebhadla ejele.
Uphiko lwezokushushiswa kwamacala iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu Natal, belukade lusola ukuthi uMadonsela wayeyilungu leqembu elalaziwa ngokuthi yi-A Team elalisebenzisana namaphoyisa angesikhathi sobandlulo.
I-NPA yathi uSiphelele wabulawelwa ukuba yisishoshovu kwakhe njengoba ayekade eyilungu lenhlangano, i-United Democratic Front (UDF) eyayidlelana ne-ANC ngaleso sikhathi.