UBECELE umufi ukuthi azomkhiphela i-lay-by ababeyenze bobabili, umsolwa okuthiwa ugcine egwaza ebulala owesifazane enxanxatheleni yezitolo eGateway, eMhlanga, ngeSonto.
Lokhu kuvezwe owomndeni, uMnuz Halalisani Mbatha, engxoxweni neSolezwe, izolo, kulandela ukuvela kukamsolwa eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Izithombe zokubulawa kukaNksz Nomfundo Msibi (30) zisabalale ezinkundleni zokuxhumana ngosuku lwesigameko, abantu bebabaza isihluku sikamsolwa, uMnuz Siphamandla Khumalo (34), ebhokoda ngommese umufi kubuka wonke umuntu.
Elandisa, uMbatha uthe umufi bese kunesikhashana ebuqedile ubudlelwano bakhe noKhumalo, anezingane ezimbili naye.
Uveze ukuthi uKhumalo ubengafuni nokuyizwa leyo, njengoba ebehlale eshayela ucingo umufi kodwa azizibe izingcingo zakhe.
Uthe ngoMgqibelo, umsolwa uvele waba yiphela endlebeni kumufi nakuye uMbatha, ethi ufuna kuyokhishwa i-lay-by yakhe yejakhethi eGateway.
“Wayenike uNomfundo imali ezinyangeni ezintathu ezedlule ukuthi ayomenzela yona ngomazisi wakhe. Kuthe esebona eziba izingcingo zakhe, wagcina eseshayela mina ucingo, ethi ufuna ayomkhiphela,” kusho uMbatha.
Uthe umufi ubemanqikanqika ukuya, ethi akazizwa kahle ngalolu hambo.
Uthe wuye (uMbatha) omncengile ukuthi ahambe ayoyikhipha, khona kuzobonakala ukuthi uma ephinda eshaya uzobe esefunani.
“Ungicele ukuthi ngikhulume naye, ngimtshele ukuthi okungenani akathumele umfowabo, angazizeli yena. Uthembisile ukuthi uzokwenza njalo kodwa bagcine befika bobabili,” kubeka uMbatha.
Uqhube wathi uyalele umufi ukuthi angahambi yedwa, aphelezelwe wumngani, ukuze amvikele.
“Sizwa kuthiwa ingxabano iqale khona ngaphandle kwesitolo isikhishiwe ijakhethi, umsolwa ebuza ukuthi kungani uNomfundo eziba izingcingo zakhe?” usho kanje.
Uthe bona bezwe sebeshayelwa wuye umngani obehamba nomufi edinda esikaNandi ethi: “Nangu emgwaza, ephindelela.”
Uthe babuze ukuthi ukhuluma ngani, wabatshela ukuthi umsolwa ubulala umufi.
Uthe phambilini, ubudlelwano babo bebubuhle kodwa mumva nje bese bunodlame, umsolwa esehlale eshaya umufi, waze wathatha isinqumo sokumala.
Uthe bakholelwa ukuthi ubekuhlelile ukumbulala njengoba ubemphathele ummese amgwaze ngawo.
Uveze ukuthi ingane yabo endala, yashona eminyakeni edlule ineminyaka eyisikhombisa, kanti ephilayo ineminyaka emihlanu.
Kuthiwa umufi obeseqashe kwa-Q eMlaza, ubeseshintshe amahlandla amabili imiqasho abehlala kuyo ebalekela yena umsolwa.
Umufi owaseHlophenkulu, kanti umsolwa owaKwaMinyamanzi KwaNongoma, kanti babehlala ndawonye ubudlelwano busahamba kahle. Umsolwa ubesebenza ezinkontilekeni, umufi ebamba amatoho.
Enkantolo, umsolwa ungene esagqoke isikibha esinamachaphazelo egazi, okukholakala ukuthi wayesigqoke ngesikhathi ehlasela umufi.
Imantshi, uMnuz Ashwin Singh, ilihlehlisele uLwesine oluzayo, icala ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili.
UMbuso uveze ukuthi uzosiphikisa isicelo sebheyili, ngokusabela ukuphepha kofakazi nobucayi becala.
Emva kwesigameko, amaphoyisa abopha umsolwa nomfowabo, Isolezwe elinalo igama lakhe, kodwa ugcine engavelanga enkantolo izolo, njengoba kuvele ukuthi igama lakhe libuye lahoxiswa ecaleni.