Le ngosi ikulethela umlingisi owaziwayo ophinde abe ngusomahlaya. Igama lakhe nguThenjiwe Mosely. Usezakhele igama elikhulu ikakhulukazi emkhakheni wamahlaya. Ngokuzalwa ungowakwa-G, KwaMashu. UNKOSIKHONA CELE uxoxisane naye kabanzi ngezindaba zenkolo.
NC: Ngabe likhona ibandla okhonza kulona, uma likhona yiliphi futhi yiziphi izimfundiso ozithandayo ngalo?
TM: Ngikhule ngiyilungu lokuqina lebandla lamaLuthela. Kodwa manje ke ngiye ngihambele wonke amabandla uma kwenzeka ngiya enkonzweni.
NC: Ngabe ungumuntu okholelwa kangakanani emandleni omkhuleko futhi kuwena usho ukuthini umkhuleko?
TM: Ukukutshela iqiniso nje ndoda, mina ngikholelwa kakhulu emandleni omkhuleko. Ngikholwa ukuthi yiwona onamandla enele okunginikeza lokho engikufisayo kweyami impilo.
NC: Ngabe sikhona isimo owake wabhekana naso empilweni, uma sikhona yisiphi futhi kwakwenze njani?
TM: Ukudlula emhlabeni kukabhuti wami okusanda kwenzeka, yikhona okube yisimo esinzima kakhulu engidlule kusona.
NC: Uma ubheka impilo yakho ngeso elijulile kakhulu, ngabe yiziphi izinto onazo ezikwenza ukuthi umbonge uNkulunkulu ungaphezi ngaso sonke isikhathi?
TM: Okukuqala engithanda ukumbonga ngakho uNkulunkulu, yisipho sempilo ngoba yisona esibalulekile kunezinto zonke. Okwesibili ngithanda ukumbonga ngamathuba omsebenzi angibusisa ngawo adala ukuthi ngikwazi ukuphila.
NC: Eminyakeni emihlanu kumbe-ke eyishumi ezayo yini le eyodwa ebaluleke kakhulu okhulekela ukuthi uNkulunkulu akubusise ngayo futhi leyo nto isho ukuthini kweyakho impilo?
TM: Ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu abe nami anginikeze amandla okuthi ngidale amathuba omsebenzi emkhakheni wamahlaya kanjalo nakwezokulingisa. Emuhle uNkulunkulu ngiyethemba ukuthi lokho nakanjani kuzokwenzeka..
NC: Ingabe uyakholelwa kokulotshwe eBhayibhelini?
TM: Yebo ngiyalithanda iBhayibheli. Ngithanda iNcwadi etholakala kuMathewu 5 vs 44 efundeka kanjena: “Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizondayo.”