KUKHUTHAZWA abantu abasha ukuba babe nentshisekelo yokuvakashela izigcinamagugu ukuze bafunde kabanzi ngomlando onothile wezwe.
Lokhu kugqugquzelwe nguNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu Natal, uDkt Ntuthuko Mahlaba.
UDkt Mahlaba ukusho ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni isigcinamagugu saKwaDukuza, enyakatho neKwaZulu Natal.
"Siyakholelwa kakhulu ekubalulekeni kwezigcinamagugu KwaZulu Natal. Yingakho nje sikukhuthaza kakhulu ukuthi zakhiwe zibe ningi,'' usho kanje uDkt Mahlaba, uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu Natal.
UMahlaba udalule ukuthi ukwakhiwa kwesikhungo samagugu kudle imali elinganiselwa ku-R27 million. Uqhube wathi kubajabulisile kakhulu ukuphothulwa kwesigcinamagugu.
Ungqongqoshe uchaze izigcinamagugu njengezikhungo ezilonda futhi zinakekele amagugu esizwe nomlando ojulile wezwe. Uthe bafisa ukubona sanda isibalo sabantu abasha basendaweni ababayingxenye yokuvakashela isigcinamagugu.
"Akukho nokuncane ukungabaza ukuthi kuningi kakhulu abangakuzuza uma bezijwayeza ukusisebenzisa ngendlela efanele,'' kusho uMahlaba.
UNgqongqoshe ubuye wahalalisela izikole zaKwaDukuza namaphethelo, wathi zizozuza lukhulu ngokusebenzisa isigcinamagugu. Ugcizelele ukuthi kungaba yinto enhle uma zinganda izigcinamagugu ezingxenyeni ezahlukene KwaZulu Natal.
Uthe lokhu kumele kube yinto ebonakala iba seqhulwini komasipala abehlukene baKwaZulu Natal.
IMeya yaKwaDukuza, uNkk Lindiwe Nhaca, ikushayele ihlombe ukuphothulwa kwesigcinamagugu kule ndawo.
UNkk Nhaca nxuse abantu abasha bakule ndawo ukuba bazijwayeze ukusisebenzisa ngendlela efanele ukuze bahlomule ngolwazi olunzulu mayelana nomlando wezwe.
UNkk Nhaca uthe kusemqoka futhi ukuthi abantu abadala nabo kumqoka bazijwayeze ukusebenzisa isigcinamagugu.
"Kuningi kakhulu abazokufunda abantu abasha bethu abazokuthola uma bengena ngaphakathi kusona,'' usho kanje.