KUPHAZAMISEKE ukwakhiwa komgwaqo u-P77, onqamula ku-ward 2 no-ward 3, eZembeni, ngaphansi kukaMasipala uMdoni, kubhikisha amalungu omphakathi izolo, okuthiwa akhala ngokungaqashwa kwabantu bendawo ngendlela efanele ohlelweni lokwakhiwa kwalo mgwaqo.
Lawa malungu abebhikisha, aveza ukuthi sekukaningi enxusa ukuthi kwenziwe ubulungiswa, kunikezwe abanye ithuba emsebenzini wokwakhiwa kwalo komgwaqo, onikezwe inkampani i-Afriscan. Aveze ukuthi ngesikhathi kuqala lo msebenzi kwakuvunyelwene ngokuthi abaqashiwe bazosebenza izinyanga eziyisithupha bese badedele abanye.
UNksz Gugu Cele osekomitini lomphakathi, uthe okuthukuthelisa umphakathi ukuthi kunabasebenze isikhathi eside, abangakaze bamiswe selokhu kwaqala ukwakhiwa kwawo ngo-2022.
“Kukhona abantu asebesebenze izinyanga ezevile ku-20, futhi abazimisele ukuphuma. Umphakathi unqume ukuveza ilaka lawo ubhikishe. Abukho ubulungiswa ekuqashweni kwabantu ngoba abekho asebeke bamiswa, kwaqashwa kabusha njengesivumelwano esasivezwe emphakathini. Kukhona abantu okungebona abendawo abasebenzayo ekubeni singazi ukuthi baqashwe kanjani,” usho kanje.
Uthe umphakathi usola amakhansela ngokwenzelela uma kuqashwa kangangoba ohlwini olusha bafuna usonkontileka alubheke uma eseqasha kabusha, lwenziwe yiwona umphakathi ngqo ngokusizwa ubuholi bomdabu. Bathe basebenzise izinduna zendawo ngoba yizona ezazi abantu basendaweni nesimo semindeni ehlukene njengoba befuna umsebenzi unikezwe labo abaphuma emakhaya okungekho muntu osebenzayo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Mthokozisi Madlala, lithe nakuba belingaziswanga ngombhikisho kodwa liyazazi izikhalo zomphakathi.
“Ngesikhathi umphakathi uveza lezi zikhalo, siphakamise ukuthi ukhethe ikomiti elizokwazi ukuthi lithathe zonke izikhalo zawo likwazi ukusinikeza ngoba sibona ukuthi umphakathi ugcina ungakwazi ukukhuluma nathi njengamakhansela ngokukhululeka. Kokuvunyelwene ngakho, ukuthi kukhona izinkontileka zabo obekumele ziphele izolo, abanye ziphela ekupheleni kwenyanga, engigcine ngingakazi noma inkampani ikwazile yini ukuqasha abanye njengokwesivumelwano somphakathi nekomiti,” lisho kanje.
UMadlala uvumile ukuthi kukhona asebesebenze isikhathi eside njengoba bengakaze bashintshwe, wathi okwenza amakhansela agcine esebayeka, ukuthi ngesikhathi kusenziwa iziphakamiso abanye babethi akube yizinyanga ezintathu, kanti abaqashiwe babekhala ngokuthi zincane. Uthe abanye bebekhala ngokuthi eziyisithupha nazo zincane, okugcine sebeyekela kodwa okuyiphutha abazimisele ukuthi lilungiswe, kuqashwe abantu abasha.
Kuqhubeka umbhikisho nje, lo masipala ophethwe yi-ANC kuthe ngoMsombuluko, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni wamemezela umlekeleli omusha, kukhalwa ngokugqoza kokulethwa kwezidingo kubantu.