UZOBHADLA ejele isikhathi eside owesilisa (33) okwakuthi uma egadiswe ingane yentombazane (13), emzini ayeqashe kuwo, ayidlwengule yagcina ngokuthi ikhulelwe.
Isigameko kuthiwa senzeka eMariannhill, eThekwini, phakathi konyaka u-2012 no-2016.
Lokhu kudalulwe nguphiko lwezokushishiswa kwamacala omphakathi, iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal.
I-NPA ithi kwakuthi njalo uma abazali bakamgilwa besebenza ebusuku noma kukhona lapho bevakashele khona, bashiye le ntombazane nezingane zakwabo kule ndoda ukuze izigade.
Okhulumela iNPA eKZN, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe lo wesilisa ogwetshiwe wayeqashe endlini eyakhelene nomuzi okwakuhlala khona lo wesilisa.
Uqhube wathi wayesebenzisa isikhathi lapho abazali bengane bengekho, izingane zigadiswe yena, adlwengule intombazane eyagcina ngokuthi ikhulelwe.
“Le ndoda yayingumsebenzi wasemtholampilo, yabe isihlela ukuthi intombazane isikhiphe isisu ngaphambi kokuthi ibanjwe ngabazali bayo,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Kubikwa ukuthi kwaphambana izinkomishi, lwangahamba kahle uhlelo lokukhishwa kwesisu, yavele yagula intombazane, kwaphoqeleka ukuthi iphuthunyiswe esibhedlela.
Kuvela ukuthi yabhamuka lapho-ke indaba yokuthi intombazane ibikade ikhulelwe.
“Intombazane yabe isibikela unina ngakho konke obekwenzeka uma engekho nokuthi ibikade idlwengulwa yile ndoda eyagcina iboshiwe ngamaphoyisa,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Kuthiwa ingane yathunyelwa nasesikhungweni iChatsworth Thuthuzela Care Centre ukuze iyokwelashwa ngokomqondo nangokomphefumulo, nangakho konke edinga ukwesekwa ngakho.
I-NPA ithe iyasamukela lesi sigwebo esinikezwe lo wesilisa yiNkantolo yesiFunda yasePinetown. Income umsebenzi, ethe muhle futhi ube yimpumelelo, owenziwe wumshushisi u-Advocate Simphiwe Magagula ngokubambisana namaphoyisa.