INKANTOLO yeMantshi ePitoli igwebe owesilisa udilikajele ngokudlwengula usingandodakazi.
Lo mlisa oneminyaka engu-49 waseWillows, ePretoria East, ugwetshwe udilikajele ngecala elilodwa lokudlwengula, iminyaka eyishumi ngamacala amathathu okudlwengula nemithathu yokukhomba ngesibhamu.
Umama wengane wayeshade futhi ehlala nomenzi wamacala. Kuthiwa umsolwa waqala ukuhlukumeza le ngane ineminyaka emithathu, kwathi isineminyaka eyisikhombisa, kwanda ukuyihlukumeza esekwenza nangokocansi.
Lokhu kwaqhubeka kwaze kwaba wu-2019 isina-17.
“Lokhu kwakwenzeka ngesikhathi umama wayo esemsebenzini noma engekho. Ngo-2018, ingane yatshela umyeni kanina ukuthi ifuna ukuzibulala ngoba ayisakwazi ukuphila ngalokhu kuhlukumezeka kepha wayisabisa ngokubulala unina,” kusho okhulumela iNPA.
NgoJanuwari 15, 2019, wayidlwengula futhi ingane.
“Yatshela isoka layo, babikela usonhlalakahle esikoleni owabikela amaphoyisa. Umsolwa wabanjwa ngaleso sikhathi wagqunywa esitokisini waze wagwetshwa.”
Ngemuva kokuboshwa kukamsolwa, umgilwa wafudukela kwagogo wakhe, wathola ukwelulekwa ngokwengqondo.
Enkantolo, umsolwa uwaphike wonke amacala abekwe wona. Umgilwa wafakazela inkantolo ukuthi uhlukunyezwe isikhathi eside kangangokuba usefile ngaphakathi.
Icala limlahle ngoMeyi 12, 2022, wagwetshwa ngoLwesithathu.