UGWETSHWE kanzima owesifazane waseSoshanguve, owathengela umyeni wakhe abantu ukuba bambulale.
UMarriod Ndebele (47) wathengela umyeni wakhe weminyaka abantu ukuba bamsoconge ebambisene nesoka lakhe.
Kuthiwa umjolo wowesifazane nesoka lakhe, uPiet Tlowaye Monyai (62) yiwona oholele esinqumweni sokubulala umyeni wakhe. Kugwetshwe kanzima abantu abahlanu, kubalwa naye.
Kuthiwa wakhuluma nesoka lakhe ngokusoconga umyeni, isoka lamxhumanisa nomzukulu walo, uKoketso Piet Monyai (24) yena osedonsa isigwebo sakhe ngalo leli cala noFrans Kekana (40) oyilungu leSoshanguve Community Policing Forum (CPF), kwakhiwa itulo lokubulala umyeni wakhe.
UKoketso wasondeza umngani wakhe uNdivhuwo John Tshiwela ukuba abadayisele isibhamu ngo-R750.00. Isoka likaMorriod layikhipha imali yesibhamu.
“Ngomhla ka-18 Jumi 2019 isoka likaMarriod lahambisa umzukulu walo uKoketso noKekana emzini kaNdebele lapho bafika babulala ngokuduula ubaba wekhaya.
Ngemuva kwalokho, uMarriod wabatshela ukuthi bathathe izinto ezimbalwa zomyeni wakhe, ukuze kube sengathi ubegetshengwa.
Sebehambile, uMarriod washayela amaphoyisa ebika isigameko sokuhlaselwa,“ kusho okhulumela uphiko lwezokushushisa.
Uphenyo lwamaphoyisa lwawaholela kuwo lomuzi ngemuva kwezinsuku ezimbalwa. Ngomhla ka-22 kuyo leyo nyanga, kwaboshwa yena umfelokazi. Isoka lakhe uMonyai noKekane bona baboshwa ngomhla ka-24.
INkantolo eNkulu ePitoli kayibanga nalo uzwelo kulaba njengoba umfelokazi, yisoka noKekane bagwetshwe udilikajele ngecala lokubulala okuhleliwe.
Umfelokazi ubuye wabhanselwa ngeminye iminyaka engu-38 (engu-15 yokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, emihlanu yokutholakala nezinhlamvu, emithathu yokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho neminye engu-15 yokugebenga ngenhloso yokulimaza).
UKekana naye ubuye wagixatshezwa iminyaka engu-45 ngaphezu kwesigwebo sakhe (iminyaka engu-15 yokuphatha isibhamu esingekho emthethweni, emihlanu yezinhlamvu nengu-25 yokugebenga ngenhloso yokulimaza).