UGWETSHWE udilikajele neminyaka emihlanu ngaphezulu, owesifazane olahlwe ngecala lokubulala isoka lakhe, isidumbu salo esatholwa singqongqiswe nemoto emgwaqweni ophakathi koPhongolo noNongoma, ngo-2021.
UNonjabulo Nokukhanya Nkosi (37) ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala owayeyisoka lakhe uMnuz Dumisani Qwabe (47) neminyaka emihlanu ngaphezulu ngelokweba, kwathi uzakwabo aboshwe naye uXolani Skhumbuzo Mtambo (38) wagwetshwa iminyaka engu-15 ngelokubulala.
Inkantolo imxegisele uMtambo emva kokuthi kuthiwe bekungokokuqala elahlwa ngecala futhi wayengekho endaweni yesigameko ngesikhathi sokubulawa kukamufi.
UNonjabulo noQwabe kuthiwa babeyizithandani, kodwa wagcina enqume ukumbulala. Kuthiwa wacela uMtambo ukuthi amfunele inkabi eyayizogudluza umufi kodwa iqhinga langaphumelela. Kuvele ukuthi wazitholela isibhamu nophethroli wokuzenzela umsebenzi wokubulala isoka kwathi ngo- Okthoba 2021 wahlangana noMtambo owamfundisa ukuthi sihlohlwa kanjani isibhamu futhi sisetshenziswa kanjani.
Kuthiwa washayela uQwabe ucingo, kwathi makhathaleni imoto kamufi yatholwa ishisiwe emgwaqweni ophakathi koPhongolo noNongoma, kunezinsalela zesidumbu sikamufi. Kuthiwa uNonjabulo akazange alubeke emsebenzini ngosuku olulandelayo njengoba kuthiwa wayenezibazi zokusha esiqhomeni nasesandleni sangakwesobunxele.
Emva kokufa kukaQwabe, amalungu omndeni wakhe athola ukuthi iselula nekhadi lasebhange kukamufi kuyasetshenziswa, nokwathi emva kophenyo lwamaphoyisa kwavela ukuthi uNonjabulo owayesebenzisa ikhadi ukukhipha imali ne-app yasebhange kaQwabe. Waboshwa kwathi uma kulandelwa umkhondo kwatholakala ukuthi ubefonelana noMtambo owaboshwa emva kwezinyanga ezintathu.
Ebufakazini obunekelwe inkantolo obebuholwa ngabashushisi o-Advocate Nokulunga Ngcobo no- Alex Moolman kutholakale ukuthi uNonjabulo noMtambo babelokhu bexhumana ngezindlela ezehlukene ngemuva nangaphambi kokubulawa kukamufi, kubukwa nezingxoxo zabo ku-WhatsApp nokucwaninga amakhamera emishinini yokukhipha imali lapho ayehamba ekhipha khona imali kamufi.
Isitatimende esifundelwe inkantolo sezihlobo zikaQwabe, simchaze njengomuntu owayenobuntu, osiza umphakathi. Kuthiwa wayewumuntu onomusa nonakekelayo.